YEHLISA UKUPHAPHA NUZ QUEEN

Ilanga langeSonto - - Ezikaqed -

UMZALA akusiyena umuntu odinwa kalula kodwa umuntu esekhombisa umphapho kwaze kweqa, ngiyanyanya. Lo dado ongunuz Queen utshelwe ngubani ukuthi useyi- hit? Usithathaphi isibindi sokubhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi wena ubiza malini uma uqashwa? Futhi angiboni ukuthi ukhona ozokuqasha ngalo R65 000 othi uyawubiza. Umthetho wakho ubani lo okukhohlisayo? Wena usubiza imali engaka nje ngani yakho? Usuke wabadansisa kuphi abantu kwaze kwasa? Yehlisa umoya sisi, kusamele ucule mahhala uphushe igama lakho. Futhi-ke nje nengoma yakho kasiyazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.