IYAVUKA EKA-BILLIAT NOKUFUNWA E-EUROPE

Iyavuka ekabilliat yokufunwa e-europe

Ilanga langeSonto - - Front Page - PHILANI NCALANE NOSENZO SOKHELA

USIZI luzwe olunye kwiKaizer Chiefs ihlulwa yipolokwane City ngo-1-0 emdlalweni we-absa Premiership obubukwa yizihlalo izolo ngomgqibelo kusihlwa emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Igoli lecity livalelwe enethini nguvusimuzi Mngomezulu sekusele amanenjana ukuba kusongwe isiwombe sokuqala. Lo mdlalo ububukwa yizihlalo njengoba ichiefs ihlawuliswe ukudlala imidlalo emithathu Kwazulu-natal ngaphandle kwabalandeli. Umdlalo owodwa ulengisiwe. Lokhu kulandela isibhicongo esidalwe ngabalandeli bechiefs ngesikhathi ibhekene nefree State Stars emdlalweni wenedbank Cup ngombasa (April) nonyaka.

Isizungu sabalandeli sibonakalile kubadlali bechiefs njengoba bebingelele izihlalo ngaphambi kokuqala komdlalo. Bekucaca ukuthi bashoda ngabantu abazobakhuthaza nxa behlasela. Umdlalo olandelayo wechiefs ezowudlala ibukwa yizihlalo uzokuba ngenyanga ezayo. Kuthiwa izobhekana necape Town City.

Emdlalweni wayizolo bekuzwakala umsindo wezimoto nezithuthuthu nomsindo wabantu abebenomcimbi ngemuva kwenkundla. Ichiefs yalile ukwengeza izingane ezilanda ibhola nxa liphumele ngaphandle.

Abemabhida bebefuna zandiswe ukuze kube khona ezizolanda ibhola nxa liya lapho kuhlala khona izibukeli. Ichiefs ime kwelokuthi kuzosebenza ezilishumi kuphela.

Ngemuva kwalo mdlalo umsebenzi uqale phansi kubasebenzi baseMabhida njengoba bekumele bamboze inkundla ukulungiselela umkhosi welembe ozokuba namuhla ngesonto kuyona le nkundla.

Kuzo ezechiefs, kuvela ukuthi ukhama Billiat emlande ngenhloso yokuba azoyitakula, uthola izicelo ezivela emakilabhini ase-europe ukuba awajoyine. Ubilliat waseZimbabwe uqokwe njengomdlali ovelele wenyanga kamandulo (September) njengoba enza ezibukwayo kule kilabhu yakwamotaung. Umqeqeshi wakhe ugiovanni Solinas wase-italy, uqokwe njengomlolongi ovelele. Ubilliat usayiniswe yichiefs ekuqaleni kwesizini esuka kwimamelodi Sundowns abengasajabule kuyona. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu.

Ufike kule kilabhu wenza omkhulu umehluko njengoba eseshaye amagoli ayisihlanu emidlalweni engu-12, wakha amagoli amane.

Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo engaphakathi kwiChiefs ukuthi ubilliat usephenduke inyama emakilabhini ase-europe.

Kuthiwa kuneyasebelgium neyaserussia okuthiwa asefake izicelo kwichiefs zokumsayinisa ngomasingana (January). Kuthiwa ichiefs kayifuni nokuyilalela eyalezi zicelo njengoba ikholwa wukuthi kungayiqhatha nabalandeli ukumdayisa manje.

Leli phephandaba lishayela ubobby “Bobsteak” Motaung oyimenenja-jikelele yechiefs ngalolu daba, wale waphetha ukuphawula ngalo.

Ubilliat akakufihlanga ukuthi ufuna ukwenza le kilabhu isitebhisi sokufeza iphupho lakhe lokuyodlala e-europe. Nokho uthe usafuna ukunqoba izicoco nechiefs.

Kungijabulise ngendlela eyisimanga ukuqokwa njengomdlali wenyanga...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.