Lihlomule izindondo kwezokuvakasha

Ltheku liklonyeliswe kane ngokuhamba phambili

Ilanga langeSonto - - Izindaba - BHEKI NDLOVANA

ITHEKU seliphinde lahlomula imiklomelo ehloniphekile futhi esezingeni eliphezulu emhlabeni.

Emcimbini iworld Travel Awards (WTA), izolo kusihlwa enkosi Albert Luthuli International Convention Centre, (ICC), itheku lemukeliswe imiklomelo emine ebalulekile emkhakheni wezokuvakasha.

Yona I-ICC ebekuhlangenwe kuyona izolo, idle umhlanganiso ngokuba yindawo ehamba phambili okwenzelwa kuyo imihlangano emikhulukazi e-afrika (Africa’s Leading Meetings & Conference Centre).

Ngaphezu kwalokho, itheku liphinde lahlabana ngokuba yidolobha elihamba phambili kwavakashelwayo e-afrika (Africa’s Leading City Destination 2018).

Ichweba lasethekwini nalo lidle umhlanganiso e-afrika ngokuba yisikhumulo semikhumbi yokungcebeleka (Africa’s Leading Cruise Port 2018) esingungqa phambili.

Liphinde lahlomula futhi nangokuba yidolobha elihamba phambili e-afrika okwenzelwa kulo imicimbi emikhulukazi (Africa's Leading Meetings & Conference Destination 2018).

Lena yimiklomelo ebaluleke kakhulu emkhakheni wezokuvakasha - ibeka itheku kwelinye izinga ebalazweni lomhla- ba. Yimiklomelo ewuphawu olusemqoka olukhombisa intuthuko ebalulekile kwezokuvakasha.

ILANGA Langesonto lishicilele lapha umcimbi usaqhubeka, kanti umbiko ogcwele uzotholakala KWILANGA kusasa.

ISITHOMBE: DURBAN ICC

LEZI ngezinye zezindondo ezike zawinwa YI-ICC eminyakeni edlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.