KUBOSHELWE ABANOHLONZE EMCIMBINI KA-LADY D

Ilanga langeSonto - - Izindaba - THANDI ZONDI

INKAKHA kwezomsakazo ududu Khoza ubabaza ubumbano alubona kubantu besifazane emikhakheni eyahlukene. Isiphithiphithi sokhozi okuyigama aziwa ngalo emsakazweni Ukhozi FM, ohlelweni lwakhe ijabula Ujule sithi kubalulekile ukuba abesifazane baqhubeke nemikhankaso asebeyiqalile etshengisa ubumbano. Sithi nakuba bekhona laba abadonselana phansi bangafukulani ( Pull Her Down Syndrome) kodwa abantu kumele baqonde ukuthi kakusibo bonke abesifazane abanjalo.

Ulady D kulo nyaka uqhubeka nomcimbi ohlanganise abesifazane abavela emikhakheni ehlukene lapho bezobe bedingida khona izinto ezibayisa phambili, baphinde bachushisane ngamasu angabathuthukisa. Kulokhu ukhethe izintokazi ezizakhele udumo emkhakheni wezikaqedisizungu phakathi kwazo okukhona uminnie Dlamini, Baby Cele, Thembi Mtshali-jones, no-ayanda Ncwane, abazobe bechaza ngokuthi bangobani baphinde baphendule nemibuzo evela kwabazobe behambele lo mcimbi.

Izikhulumi ezaziqavile ngonyaka owedlule zizobe zikhona futhi nakulo nyaka - okubalwa kuzo ulindiwe Rakgaribe, Lebo Mokoena, Linda Bukhosini, unomusa Dube-ncube, Sindi Nkonyana, Prophetess Nomusa Dhlomo nabanye. Uthi okwenza ukuba lo mcimbi ube phakathi nezinsuku ukuthi iningi lezikhulumi nabazonandisa abavela endimeni yezikaqedisizungu baba matasa kakhulu uma kuyimpelasonto Kwabazonandisa ubale UDJ Cyndo, Happygal, Tipcee, Kholeka nozanda Zakuza. Lo mcimbi uzoba secoastlands Hotel emhlanga. tzondi@ilanganews. co.za

ISITHOMBE YI: TWITTER

UMCIMBI kadudu Khoza unothe ngabanohlonze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.