KABASEKHO KOLWE- TV

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA

NAKUBA ehluleka wukukhipha imininingwane etheni “ngedivosi” phakathi kwezilomo zodj ebezingamajaji ohlelweni lwe-tv olubuye ngesonto eledlule, i-1’s and 2’s KUSABC 1, umdidiyeli walo, u-amera Faber, uthi kuhlukwane kahle kungaxatshenwe.

Nalab’ ODJ okungulebogang Naves (DJ Naves) nosphesihle Ngwenya (DJ Sphectacula) abangabasakazi begagasi FM, bathi kube yisinqumo sabo ukulushiya uhlelo ngoba phakathi kokunye abamatasa ngakho, wuhlelo abaluphekayo oluzodlala kwesinye isiteshi sikamabonakude.

Bakuchithile ukuthi baphoqeleke ukuba baluyeke ngoba igagasi FM lingavumelani nokuba abasakazi balo babe nezinhlelo abazenza kwithelevishini eziteshini ezingaphansi

KWESABC 1, njengoba kubikiwe ngokushiya kukakini

Shandu osethula idaily Thetha kuso lesi siteshi.

“Enye yezinto esivumelane ngazo negagasi uma silijoyina, wukuthi ngeke lingene emisebenzini yethu esiyenza kwithelevishini. Siyikhulumile indaba yalolu hlelo sekuqala ukulungiselelwa kwale season - besifuna ukunikeza abanye abasha ithuba,” kusho usphectacula.

U-amera uthi akukho okutheni angakuchaza ngale kokuthi izinto ziyashintsha, wathi kodwa nalab’ ODJ bekungezukuba lula ukuba batholakale zikhathi zonke zokuqopha. “Nokuya kwabo ethekwini kube nawo umthelela. Nezinhlobo zomculo esesiwenza manje ubuphoqa ukuba kube nezinguquko, kodwa sisaxhumana nabo njengoba besinikeza imibono yabo ngohlelo olusha,” kusho u-amera.

Selokhu lwaqala lolu hlelo yilab’ ODJ abebeba ngamajaji.

ISITHOMBE: SIGCINIWE

NGUDJ Sphe nonaves abangaseyona ingxenye ye-1’s and 2’s

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.