Udumele kumiswa "umngani" wakhe

UMR Magic uthi akananxa nokhozi FM/SABC

Ilanga langeSonto - - Izindaba - LUCKY CAIN

UDUMELE ngokumiswa komsakazi wokhozi FM owubhululu wakhe, ulinda “Mr Magic” Sibiya ( osesithombeni).

Ngeledlule izikhulu zalo msakazo zimise ubheka “Beekay” Mchunu oshayela uhlelo isthakela Izwe ngemuva kokuzwakala edalula igama likamr Magic emoyeni ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lwakhe. Kuyaziwa ukuthi umr Magic nobeekay bangobhululu kusukela kudala kwazise nasezinkundleni zokuxhumana abakufihli lokho. Kuzokhumbuleka ukuthi ngeledlule kuvele izindaba zokuthi umr Magic utholakale emsulwa ecaleni elamxoshisa kulo msakazo ebelithinta yena nenkampani i-edcon.

Ekhuluma NELANGA Langesonto umr Magic, uthe kumphathe kabi ukuzwa ngokumiswa kukaBeekay. “Uma kuyiqiniso ukuthi umiselwe igama lami emoyeni, kubuhlungu lokho ngoba angiboni ukuthi bekukhona okubi akuqondile ngokulisho emoyeni.

"Yena makangahlanganiswa nezinto angahlangene nazo, kodwa aqhubeke nokwenza umsebenzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.