UYAZIBAMBELA EMABHODWENI

Ilanga langeSonto - - Izindaba - SANDILE MAKHOBA

UKUGANA indoda ekholelwa kakhulu ezintweni zesintu uthi kumfundise ukuba azibambele mathupha emabhodweni, ekhaya.

“Umntwana uyazifela ngophuthu nobhontshisi onamathambo. Sengiphenduke umpetha wokupheka lokhu kudla ngoba alipheli isonto engakufunanga,” kulanda yena.

Uthi kwakhe wenza isiqiniseko sokuthi nguyena ophekayo.

“Umuthi wokudlisa indoda yibhodwe. Uma indoda yakho uyiphekela ngeke iye ndawo ngoba ngisho ihambile kodwa iphunga lasekhaya lihlale liheleza emakhaleni ayo,” kuqhuba yena. Banezingane ezintathu zamantombazane, u-ayanda, unontando nobantwana.

Kuyimanje bazama ukuthola ingane yomfana ezokwazi ukuqhuba umlando wabo.

Ukhala kakhulu ngamathuba omsebenzi endaweni yangakubo Olundi, uthi ukuvula indawo ichillers kubatshengisile ukuthi abantu abaningi abahlala nabo abasebenzi.

“Semukele izicelo zomsebenzi eziwu-5000, sisakhuluma ngabantu abashaya amathili nje kuphela singakakhulumi ngonogada, izimenenja nokunye,” kusho yena.

Uthi le ndawo yabo nomyeni wakhe izosiza imindeni eminingi ezokwazi ukuxosha ikati eziko.

makhoba@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.