MANQOBA CHILI (MSWENKO ADDICT)

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

* Umbono wokuqala ibhizinisi umfikele ngesikhathi esabambe kwenye i- coffee shop eseMhlanga ebona indlela abenza ngayo izinto kusuka kwezokuzimaketha, yi- graphic designing nokunye. Ube esegqugquzelwa yimenenja yakhe yangaleso sikhathi ibona ikhono analo nokuzimisela kwakhe.

* Unosaziwayo abagqokisayo okubalwa kubona ujunior De Rocka nontando Duma.

* Izimpahla zakhe sezike zabonakala kuma- music video ehlukene okubalwa kuwo neyomculi ujunior B.

* Uthi izimpahla zakhe zingezabantu abathanda isitayela nemibala egqamile efana noyellow, orange no- sweet pink.

* Uthi akagcini ngokusabalalisa izimpahla zakhe kuleli kuphela kodwa usenamakhasimende ngisho edubai.

* Uthi idumela lezimpahla zakhe sezenze kwanomkhankaso obizwa nge #Norehab Friday ezinkundleni zokuxhumana okuchaza ukuthi njengoba “beyizigqila” zemfashini kabayidingi i- rehab.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.