ANGOTHATHEKILE AMANTOMBAZANE ASE-SOUTH AFRIKA

Ilanga langeSonto - - Ezikaqedisizungu -

AMANTOMBAZANE asesouth Afrika angamathatha kodwa hhawu, angazi sizoyithini le nto. Aqala ahlanyiswa umkhul’ Bae onentshebe emhlophe, ngoba nakhu nje embona eswenka futhi enomzimba omuhle.

Lolu sakabhudu lwamantombazane angasebenzi lwavele lwahlanya nje ngaye lwaze lwakhohlwa nokuthi kukhona umzala Wabantu. Manje kulezi zinsuku amantombazane asanganiswa yilezi zinsizwa ezine ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana. Ngiyanikhuza bogirl, yehlisani ingqino.

Nakani umzala nikhohlwe yilaba bantu eniyogcina ngokubabuka ezithombeni, eningeke nize nibanuke. Sengiqala ukucikeka nje yilo mphapho wenu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.