UPHUMELA OBALA UMQEQESHI WE-ENGLAND NGENJEJANE

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

UCACISA ngesizathu sokubiza abafana abancane esikwatini seEngland ugareth Southgate ( osesithombeni) ocija leli qembu elizodlala kwi-uefa Nations League.

Usouthgate ubize ujadon Sancho odlala kwiborussia Dortmund yasegermany. Lo mdlali oneminyaka engu-18 ubudala, ubedlala kwimanchester City. Ugila izimanga kwibundesliga osekumenze isithandwa sabalandeli bale kilabhu.

Usaqale imidlalo emibili kuphela kule sizini, kodwa usekhande amagoli angu-8.

Usouthgate uphinde wabiza umasson Mount odlala kwiderby County elolongwa ngufrank Lampard wodumo kwichelsea. Umount yena uneminyaka engu-19 ubudala.

“Ujadon usazohamba ibanga elide ebholeni. Ngimncoma kakhulu ngokuqunga isibindi ayodlala kwelinye izwe esemncane. Uyadlondlobala ebholeni, futhi sekukhulunywa ngaye ezindaweni eziningi egermany. Uqale imidlalo emibili ye-uefa Champions League, futhi uyakwazi ukuphendula amatafula nxa esuka ebhentshini.

Unqobe indebe yomhlaba ka-u/17 neEngland ngonyaka odlule,” kusho lo mqeqeshi.

Uthi akasiboni isidingo sokuchaza ngokubiza umount ngoba naye imisebenzi yakhe iyazikhulumela.

“Lo mfana usemabhukwini echelsea okuyikilabhu enkulu emhlabeni. Yiyona embolekise kwiderby ukuze athole ithuba lokudlala. Ngesizini edlule uvalele amagoli angu-13 wakhanda angu-10 emidlalweni engu-37.

"Kumqoka ukuba sibafake manje eqenjini lesizwe ukuze baqine ukhakhayi.

"Anginandaba nabakugxekayo ukubizwa kwabo. Okuhle wukuthi mina ngiyazi ukuthi kukhulu abazokwenzela izwe,” kusho lo mqe- qeshi osanda kuvuselela inkontileka yokulolonga i-england.

Ichelsea izobhekana nesouthampton namuhla ngesonto ngo15h15.

Ichelsea igcine ukungena ensimini ngolwesine ihlula ivieoton kowe-europa League.

I-arsenal yona iqhathwe nefulham khona namuhla ngo-13h00. Nayo inqobe iqarabag koweEuropa League ngolwesine ekuhambeni.

Isiyonke imidlalo ye-english Premiership enamuhla ngeSonto ihlelwe kanje:

Fulham vs Arsenal 13h00 (SS3).

Southampton vs Chelsea 15h15 (SS3).

Liverpool vs Manchester City 17h30 (SS3).

Eyespanish La Liga namuhla ngesonto iqhathwe kanje:

NAMUHLA NGESONTO

Real Valladolid vs Huesca 12h00 (SS7).

Atletico Madrid vs Real Betis 16h15 (SS7).

Sevilla vs Celta de Vigo 18h30 (SS7).

Espanyol vs Villarreal 18h30 (SS4).

Valencia vs Barcelona 20h45 (SS7).

Eyeserie A yase-italy namuhla ngesonto ididiyelwe kanje: NAMUHLA NGESONTO Genoa vs Parma 12h30 (SS9). Milan vs Chievo 15h00 (SS9). Lazio vs Fiorentina 15h00 (SS5). Atalanta vs Sampdoria 15h00 (SS11).

Napoli vs Sassuolo 18h00 (SS9). SPAL vs Internazionale 20h30 (SS9).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.