AGUQILE AMABHOKOBHOKO

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

AMABHOKOBHOKO aphucwe iqatha emlonyeni ehlulwa yiAll Blacks yasenew Zealand ethele muva njengembumba inqoba ngo-32-30 sekuvalwe amehlo emdlalweni wecastle Lager Rugby Championship izolo ngomgqibelo kusihlwa eloftus Versfeld Stadium, epretoria. Amabhokobhoko ake ahamba phambili isikhathi eside njengoba egcine esekhavwa ngemizuzu yokugcina. I-all Blacks ibibuyisa izinduku zishisa njengoba ihlulwe ngelakuleli ngo-36-34 isenew Zealand muva nje kuwo lo mqhudelwano. I-all Blacks iye kulo mdlalo ivele seyigcotshiwe njengezingqwele zomqhudelwano wanonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.