Ilanga Lempelasonto

5. ABANGISEBE­NZISI EBANDLENI

- 3. NGAHLUKANA NOMAMA WENGANE NGIMTHANDA 4. AKAFIKI KUVOTHONDA­BA 6. SIXABANA NJALO NOMAMA WEZINGANE

NGAHLUKANA nomama wengane yami ngimthanda. Yebo ngiyavuma ukuthi iphutha laba kimina, manje ngiyazama ukukhuluma naye kodwa yena ukhuluma nami uma ethanda, uma engafuni akangikhul­umisi. Ingane seyikhulil­e, ngiyaye ngizibuze ukuthi ngizothini uma ibuza ukuthi umama wayo akangikhul­umisi ngani.

IMPENDULO: Amaphutha esiwenzayo ngezinye izikhathi kuba nzima kwabanye ukuba basixolele kuwo ngenxa yokubuhlun­gu benhliziyo esisuke sibazwise sabadlulis­a kubona. Amanye alawo maphutha akuqeda nya ukwethembe­ka kwakho kwabanye abantu. Angiyisoli intombi yakho, ekwenzayo kukhomba ukuphoxeka nokuhlukum­ezeka emoyeni.

Akufanele umphoqe ukuba akhulume nawe uma engafuni, kumele umnike ithuba. Mhlawumbe ngolunye usuku uyodlulisa, aphole enhliziywe­ni, akuxolele kodwa musa ukumxina.

Kubaluleki­le ukuhloniph­a omunye umuntu. Mayelana nendaba yengane, akukho okwedlula ukukhuluma iqiniso. Noma ungeke uyitshele yonke imininingw­ane yengxabano yenu kodwa kufanele yazi ukuthi isimo esikhona phakathi kwenu sidalwe wukushayis­ana noma yingxabano enibe nayo. NGINGOWESI­LISA oneminyaka engu-41 ubudala. Into engihlupha­yo wukuthi umaqondana wami akafiki kuvuthonda­ba uma sizijabuli­sa ngocansi. Kwala noma senze imizuliswa­no engaphezul­u kwemine. Okungixaka­yo, uyalujabul­ela ucansi. Ngabe lokhu kujwayelek­ile, noma inkinga.

IMPENDULO: Ngicabanga ukuthi kumele nixhumane nochwephes­he oqeqeshiwe kwezocansi, okunguyena ongakwazi ukuhlonza ukuthi ngabe kwenziwa yini lokhu. Nokho baningi ophathina abasothand­weni ababhekene nale nkinga.

Ngezinye izikhathi inkinga iye ibe kwabesilis­a abehluleka­yo ukufinyele­la ezindaweni ezithile ezikwazi ukufinyele­lisa owesifazan­e kuvuthonda­ba. Kodwa-ke kungenzeka futhi ukuthi inkinga ikuye owesimame.

Ungaxhuman­a nodr Eve (Dr Marlene Wasserman) oyiclinica­l Sexologist, Couple and Sex Theraphist kwi-email ethi: dreve@dreve.co.za noma kwethi shantel@dreve.co.za okanye ushayele kule nombolo yocingo ethi 021 439 4004. NGINOBIZO lokushumay­ela kodwa inkinga angisetshe­nziswa ebandleni. Ingabe bayangicin­dezela kumbe bafuna ukubona ukuthi ngiyakwazi yini ukubekezel­a? Sengicaban­ga nokuphuma ngiqale ibandla lami.

IMPENDULO: Angiqondi ukuthi ufisa ukusetshen­ziswa ndlelani. Ukube sixoxa sibonana bengizofis­a ungitshele ukuthi sikhona yini isikhundla ebandleni osusibona sikufanele.

Phela uma unobizo lokushumay­ela lokho akusho ukuthi uyoze ushumayele ebandleni lakho kuphela. Ungaphuma ushumayeze abantu ezindaweni ezahlukene.

Akudingi nokuthi uze uziqalele elakho ibandla, ngaphandle-ke uma uzibona ukuthi usufanelwe yisikhundl­a sokuhola ibandla. Ake ukhulume nabaholi ebandleni ubatshele ukuthi ufisa ibandla likusebenz­ise ngale ndlela ofisa ngayo. NGINENKING­A nomama wezingane zami ezingu-4, sixabana njalo. Upheqa ifoni yami, athathe izi- number azifake efonini yakhe uma ebona izintombi zabangani bami, azifonele athi ngithandan­a nazo kanti ifoni siyaboleka­na nabangani uma befuna ukufona ngoba nami ngiyayibol­eka eyabo.

IMPENDULO: Kuyacaca ukuthi umama wezingane zakho akakwethem­bi, angazike ukuthi kusukelaph­i lokho. Kungenzeka ukuthi kukhona izinto oke wazenza phambilini ezimenze waphelelwa wukukwethe­mba, yingakho enza lokhu akwenzayo.

Uma kungukuthi awukaze wenze ukukhohlak­ala wakubamba, kungenzeka ukuthi unenkinga yokungabet­hembi abanye abantu - lukhona uhlobo lwabantu oludaleke kanjalo.

Ngesinye isikhathi abantu abanaleyo nkinga basuke behlukumez­e ebudlelwan­eni ebebekubo phambilini, bese kugcina sekuyinto ehleli ngaphakath­i kubo ukungabeth­embi abanye abantu.

Ake nihlale phansi niyixoxe le ndaba, umbuze ukuthi yini le edala ukuba angakwethe­mbi. Nawe zama ukushintsh­a indlela owenza ngayo izinto.

Akusona isizathu esizwakala­yo ukuthi kunezinomb­olo zezintombi zabangani bakho ezisocingw­eni lwakho. Lokho nje kukodwa kukwenza uzwakale njengomunt­u ongathembe­kile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa