Ilanga

ABASEBENZA­YO BANGAZITHU­THUKISA NGAMA-ONLINE COURSE

-

SIPHILA esikhathin­i esihle kakhulu lapho amandla e- internet ekwazi ukwelekele­la izimpilo zethu ukuze zibe nenqubekel­a phambili.

Engikubalu­layo namuhla wukufunda noma ukuqhuba izifundo ngokuthath­a amakilasi online, okuhle nangokuthi kushibhile.

Phela manje asemaningi amacourse esesikwazi ukuwenza online ngaphandle kokuya ekilasini, ikakhuluka­zi uma ungumuntu osebenzayo.

I-online education yenza nokuba kube lula ukufunda ezikhungwe­ni ezahlukene wenza nezifundo eziningi.

Ngikusho lokho ngoba nami ngenza izifundo ze-Wealth Management, yi-Financial Planning ne-Financial Markets ngazenza online ngaphansi kweUnivers­ity of Cape Town.

Ngikalelwe isikhathi okumele ngiziqede ngazo kodwa okujabulis­ayo ngukuthi akudingeki ukuba ngiye eKapa ukuze ngikwazi ukubhala ama- exam ngoba nawo ngiwabhala online.

Kushibhile kakhulu kanti uthola nama- video akwelekele­layo ukuba ukwazi ukufunda nokubuza imibuzo. Kuyajabuli­sa ukuthi isikhungo eziningi sezinamaki­lasi atholakala­yo na- online, okwenza impilo ibelula kakhulu kunakuqala.

Manje akekho umuntu okufanele ahlale ekhaya angafundi ngoba kushoda imali ngoba aseyathola­kala amakilasi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ngokuseben­zisa i- online education okuyinto eyonga imali newusizo kumuntu ongamile kahle ezimalini kanjalo nakubantu abasebenza­yo abangakwaz­i ukuba sekilasini ngokugcwel­e.

Engikukhut­hazayo ngukuthi masisebenz­ise zonke izindlela ezikhona ukuzuza imfundo ngoba iyisikhiye sempumelel­o. USboniso Mtshali uyi-IT Entreprene­ur | Forex Trader | Investor | Author | Financial Coach | Public Speaker. Ungaxhuman­a naye kanje: Mob: +2778 210 8384 Email: sboniso@afronicdat­a.co.za Facebook: Sboniso Mtshali

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa