Ubungozi bokuzishintsha
UMKHUBA wokuzishintsha ibala ubukeka sengathi usazoba yingxenye yempilo yethu isikhathi eside esizayo.
Ezinsukwini ezedlule uKhanyi Mbau uke waba yinhlekisa enkundleni yezokuxhumana lapho ebehlekwa ngokuthi usezikarabhe waze wacishe wafana nengulube ngendlela asemhlophe ngayo.
Iningi losaziwayo liyazishintsha ibala kodwa lingaphumeli obala ngelikwenzile, abanye baye bathi yingoba bamatasa nokujima yingakho isikhumba sabo sesikhanya noma bashintshe indlela abadla ngayo.
Ucwaningo lukaSolwazi Ncoza Dlova, oyiNhloko ye-UKZN Department of Dermatology, luthole ukuthi ukusetshenziswa kokhilimu abakhanyisa ibala kuphezulu kakhulu emazweni aseAfrica.
Luthole ukuthi eminyakeni emihlanu edlule kube nemithelela engemihle okubalwa kukho umdlavuza, ukungena kwamagciwane esikhunjeni, ukushintshwa kwebala, imiyaba nokuzaca kwesikhumba.
Ekhuluma neDestiny Magazine, uthi ngesikhathi enza ucwaningo uthole ukuthi iningi lisebenzisa okhilimu abakhanyisa ibala ngoba lizama ukususa izinduna noma i- eczema, abanye bafuna ukususa amabala kanti abanye yingoba bebefuna ukuba nebala elikhanyayo ngoba bezwa kuthiwa uma likhanya umuhle
futhi uyakhanga.
Usolwazi uthi u-90% weziguli ahlangabezana nazo zisuke zingazi ukuthi ukukhanyisa ibala lesikhumba kunobungozi esikhunjeni. Okuphawulekayo wukuthi kakusibo abantu abamnyama kuphela abazishintsha ibala ngenxa yenkolelo yokuthi lihle ibala elikhanyayo ngisho nabomdabu waseNdiya banenkinga efanayo yokufisa ukuba nebala elikhanyayo futhi kuba nezizathu ezithi kazicishe zifane.
Umculi we- kwaito, uMshoza, phambilini uveze ukuthi isizathu esenza ukuba ashintshe ibala yingoba ubenenkinga engejwayelekile ehlasela isikhumba nokuthe ngokuhamba kwesikhathi washintsha wathi ubesekhathele wukuba mnyama, esefuna ukuba mhlophe njengoChristina Aguilera.
Okuvelayo wukuthi abanye besifazane baphuphuthekiswa yizithombe abazibona kwabezindaba. Kukhona okhilimu abaze babhale ukuthi bakunika ibala lakho lemvelo elikhanyayo.
Omunye uke umuzwe esekhala ngesikhashana ehambe elangeni athi usegqunqile ngoba sekwaze kwajwayeleka ukuthi ibala elimhlophe libukeka kangcono.
Enye inkinga eke iqapheleke ngeyokuthi izingane zamantombazane uma zikhule zibona kukhanyiswa ibala emakubo maningi amathuba okuba zilandele umkhuba ofanayo.
UNontsikelelo Mnyandu* uthi ukhule enebala elikhanyayo vele kodwa ngesikhathi
eqhubeka ekhula wafuna ukuba mhlophe ngokwedlulele.
“Bengike ngijove ngeBco njalo ngesonto ukuze ngibe mhlophe. Ngokuhamba kwesikhathi ngasebenzisa iLemonvate neLenovate, ukunconywa ngabantu bekungenza ngizizwe ngimuhle kangangokuba namanje ngisabasebenzisa okhilimu,” kusho yena.
Uthi akayiboni ingozi yokuyeka ukusebenzisa okhilimu ngoba kabakaze bamphathe kabi.
Yize kunjalo bakhona osaziwayo abathanda ibala labo lendalo okusengabukelwa kubo okubalwa kubo uLupita Nyong'o, u-Alek Wek, noHlubi Mboya.
Ubungozi bokusebenzisa okhilimu bokukhanyisa isikhumba:
melanin okuyisakhimzimba esikuvikela elangeni ukuze ungabi nomdlavuza wesikhumba. Uma isikhumba sisetshenziselwa okhilimu, lesi sivikeli siyasuka bese ulinyazwa yimisebe yelanga.
hydroquinone ekhanyisa isikhumba bese kufa ama- cell akhiqiza imelanin evikela isikhumba.
sigqunqe ikakhulu iminwe, izindlebe nezinzwane ( hyperpigmentation).
zondit@ ilanganews.co.za