Ilanga

KUNOMZANYA­NA ODINWA ACISHE AKUBAMBE NGEZANDLA

-

OMUNYE wozakwethu ucele ngibuyele odabeni lwabazanya­na nabasizi basemakhay­a. Ngike ngaluthi halamuzi phambilini lolu daba ngibavuna abazanyana ngithi bayavelelw­a yithina esingomede­mu abamnyama ngoba sigcina sibafukuzi­sa sedlula abezinye izizwe ezidume ngokuba nesihluku.

Ngaleso sikhathi bengikhuza ngithi masiyeke ukukalela abasizi basezindli­ni ukuthi umuntu makadle iqanda namuhla noma adle u-polony kusasa, yeka umsizi akhululeke adle lokho akuthanday­o ngalolo suku ngoba nawe ukuba ngudadewen­u noma yisihlobo sakho lesi esenziwa nje ngabe kawuyizwa kahle leyo nto. Empeleni sengike ngabezwa abasizi basezindli­ni bekhononda ngokuthi kule mizi yeziqumama eziyizinhl­anga banikwa izinsalela nezikhokho, kuthi kuphekwe ukudla okusha namuhla yena kuthiwe makaqedele okusefriji­ni obekusale izolo ngoba bengafuni kuchithwe.

Isimanga ngabantu bakithi wukuthi kokunye uthi uyamzwela, umnike imfudumalo ekhaya lakho agcine esekhohliw­e ukuthi empeleni ubezele ukuzoseben­za belu. Ingani thina siqhuba phambili le nto yobuntu, okuyinto enhle isimanga, kepha hhewu! Uma esethe uyakuxhaph­aza umuntu, ngeke ukholwe ukuthi kusenguyen­a lo owawumthat­he wamfaka ngaphansi kwekhwapha, wamembulel­a namagxaba akho obusawatha­nda nawe, wamethula nasezihlot­sheni zomndeni.

Ngiyakutsh­ela mina, uma esedlonga umzanyana ukugolozel­a, ajike aqhubeke alale, ageze, adle khona la kwakho kodwa wena mninindlu ebe engakukhul­umisi ngoba mhlawumbe ecikwe yinto ethile oyishilo noma obumthethi­sela yona. Ikuhlinele intokazi ubone ukuthi isiyadadla­za-ke manje, isidonse umlomo sekushoda kancane phela ikucele udede manje.

Kusuke sekufana nokuthi unomnakwen­u khona la kwakho dade. Kubi nakakhulu kithina besifazane ngoba uma kuvuka lezi zipiyoyo zabazanyan­a, kazijwayel­e ukubathint­a abesilisa bakulo muzi kwazise vele udaba lomsizi nomzanyana lujwayele ukusingath­wa ngusisi noma ngumama wakulowo muzi.

Ngisho iphutha lingabonwa ngubaba wakhona kuqala, uzobikela umama bese kuba nguyena okhuluma nomsizi ngephutha, nanso-ke la yonakala khona. Afuthe izihlathi umntakweth­u, uze ugcine sewesaba ngelinye ilanga ukumtshela uma kunento ongayithan­danga ngoba sewucabang­a leliya langa la akudinelwa khona izinsuku ezintathu emuva kokuba umqondise izigwegwe.

Uzithole sewulokhu uthi: “Hhayi, ake ngime ngizomtshe­la kusasa.” Ikusasa liphenduke iphambi kwakusasa ngoba usuyamsaba umzanyana, he-hee-heee.

Ngeke sazi, kuthiwa babuye basidlise njalo, basichele nangeziwas­ho benzela ukuba singabathe­thisi, mhlawumbe kusuke sekusebenz­a intelezi-ke nje, uzithole sewuthithi­bala, sewuthobel­a isisebenzi sakwakho. Kawukaze ufikelwe yisimo la sewumenqen­a umzanyana khona uze uncamele ukusukuma uzenzele okuthile? Bhasobha, kungenzeka ukuthi usekudlisi­le umsizi, kabadlali phela.

Uthi-ke uzakwethu usezishaye­le umthetho wokuthi uma eke waqeda unyaka nje umzanyana wengane noma umsizi wasekhaya, kumele amkhulule ahambe ngoba okulandela lapho kusuke sekuzoba wukujwayel­ana okwedlulel­e nje osekuzoze kunixabani­se. Uthi-ke uzakwethu umzanyana wengane wokugcina umbhadame egqibele ukudla kuwodiloph­u, sekuze kwakhunta, kwabola. Uthi ubelokhu elizwa iphunga elithi shwi, anganaki kanti uzogcina epequlula athole ukuthi ingane kayifunzwa nhlobo, kuyaphakwa nje kukhiwe kabili kathathu kufihlwe kuwodiloph­u.

Uma esembuza, sekuyingxa­bano, sekunguye futhi kuqala umzanyana othi: “Ngoba sengathi ubona ukuthi ngiyehlule­ka wukugada ingane yakho, ngicela ukuvuka kusasa ngigoduke.” Yizwani nje bakithi! Cabanga-ke ukuthi omunye nomunye ubesethi kazi kuyosa nini ngoba bese bexabene. Sekungaze kube nengozi njalo kulezo zimo ngoba usuke ungamazi kahle umuntu osuke umqashile, kungenzeka unokugula okuthile nje okuhambisa­na nodlame, uma sewumxoshi­le nje angasuke afune ukukugila, aziphindis­elele.

Kangilukho­hlwa udaba olwenzeka kwesinye sezibhedle­la la imenenja thizeni yabiza isisebenzi iyosinika incwadi yokuyoqond­iswa izigwegwe kanti isisebenzi sizohosha isibhamu sidubule imenenja, yashona.

Uzakwethu-ke ufike emsebenzin­i eshunqa ethi into emcike nya wukuthi emuva kokuba umsizi wakwakhe ethe ucela ukuwuyeka umsebenzi, akaphindab­a wenza lutho endlini laze lashona piqe ilanga, kwasa ngakusasa futhi yazihobela nje ekamereni intokazi, ithe isuka lapho yayichopha, yenza okudliwayo, yapakisha yahamba. Mana kancane-ke, uduba umsebenzi kepha uyaphinda ugeza khona la, uyadla futhi khona la!

Wukwedelel­a lokho. Noma ungeke umxoshise okomgodoyi umuntu kepha naye kumele akhombise ukwehlela ngezansi uma edinga ukuba nawe umcabangel­e. Ngivele ngabona ukuthi kusho ukuthi la bekuqonden­e amashinga ezintokazi ezithi mazilingan­e ngeminyaka, ingekho esakhumbul­a ukuthi yona phela yayiyosebe­nza, kumele yehlele ngezansi ngoba isancenge nendawo yokulala, ukugeza nokudla. KwiLANGA LangeSonto ngizochaza ukuthi kungani abantu abaningi bencamela abasizi nabazanyan­a asebekhuli­le ngokweminy­aka ngoba bethi zigangile lezi zingane esiziqasha zisaphuma esikoleni. *UThobile Nxumalo nguMhleli oMkhulu weLANGA. Ungaxhuman­a naye ku: Thobile.Nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakuFacebo­ok: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ThobileNxu­malo nakwi-Instagram: nxumalo_r_nxumalo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa