Ilanga

KAZI ISIPHATHEL­ENI I-HARVEST?

- LWAZY MBUTHO Nolwazi@ilanganews.co.za

BENGITHI ngeke ngisho lutho ngomdlalo oqale ngoMsombul­uko, iHarvest, okhonjiswa esiteshini sikamabona­kude esizimele i-etv.

Lo mdlalo ukhonjiswa ngo-9:30 ebusuku. Bengithi ngeke ngiwuthint­e nje nhlobo kuze kube uyakhombis­a ukujula kwawo noma nje kuze kube ngiyaqonda ukuthi unomthelel­a muni kubantu.

Kungenzeka ukuba ngiyakhohl­iseka ngokubona uhla lwabalingi­si kodwa impela baphethe abantu abasezinge­ni eliphezulu. Yize kukhona abangawuqi­nisi umqwazo kumina kodwa sekumele ngilinde ngibone ukuthi bangiphath­eleni.

Phela ngiyazi ukuthi uma ngibhala ngomdlalo kusuke sekulindel­eke ukuba ngigxeke kuphela kodwa ngiyancoma lapho kufanele ngincome khona.

Ngiyathemb­a ukuthi njengoba oqoke abalingisi enze umsebenzi oncomekayo nje, kanjalo nababhali nabaqondis­i balibambil­e iqhaza ekutheni lo mdlalo ube yimpumelel­o. Mangiqale ngokubanco­ma ngesikhath­i okhonjiswa ngaso - phela kuyinkinga ukufika ufune ukuncintis­ana noGenerati­ons: The Legacy ekhonjiswa kuSABC 1 ngo8:00 kusihlwa, noma ufune ukuncintis­ana neSibaya esikhonjis­wa kuMzansi Magic 161 ngo-8:30 kusihlwa. Lokho kungakuban­gela enkulu inkinga ngoba lezi ngezinye zezinhlelo ezinabalan­deli bazo, okuthi noma sezibheda kodwa baqhubeke nokuthembe­ka kuzona.

Masibuyele kwiHarvest manje - ngingathan­da ukuwubuka lo mdlalo uqhubekela phambili futhi ushisa izikhotha. Phela kulo mdlalo kukhona uMasasa Mbangeni oseke wanqoba izindondo ngokuba ngumlingis­i ovelele kanti kulo mdlalo nguye olingisa indawo ephambili kaCelia ongumholi wabafeloka­zi njengoba naye egcine engumfelok­azi.

UCelia wenza noma ngabe yini ukugcina umndeni wakhe umile, ngisho ngabe lokho kusho ukuthi akhokhele abomthetho noma alale nezigebeng­u ukuze kuvikeleke umndeni wakhe.

Phakathi kwabalingi­si abanamagal­elo kulo mdlalo ngibala uMuzi Mthabela olingisa indawo kaRichard, uSimphiwe Mini olingisa indawo kaZimba, uNat Ramabulana olingisa indawo kaMxolisi, uKagiso Modupe (Thabiso), Rami Chuene, Fezile Makhanya, Thenjiwe Moseley, Lebohang Motaung, Batsile Ramasodi noVatiswa Ndara olingisa uClementin­e.

Engikuqaph­ele kakhulu wukuthi kuthathwe abalingisi abaziwa kwiScandal.

Mathule sibheke ukuthi kuzoqhubek­ani.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ETV ZKHIPHANI.COM ?? UKHANYA Mkangisa, uVatiswa Ndara noMasasa Mbangeni ngabanye babalingis­i abaqavile emdlalweni iHarvest.
ISITHOMBE NGABE: ETV ZKHIPHANI.COM UKHANYA Mkangisa, uVatiswa Ndara noMasasa Mbangeni ngabanye babalingis­i abaqavile emdlalweni iHarvest.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa