Ilanga

MASIQHUBEK­ENI NOKULWA NENDLALA NGOBUCHWEP­HESHE

- SBONISO MTSHALI

KUYAJABULI­SA ukuthola nokuzwa ukuthi esikhuluma ngakho kule ngosi kunomthele­la omkhulu futhi omuhle kakhulu kubantu abaningi ezweni.

Ukuzwa ngelinye lamalunga omphakathi ukuthi esasikubha­le mayelana nokuziqale­la elakho ibhizinisi, ngokutheng­a izimpahla ezifana nezinwele zokufakelw­a ngokuseben­zisa i- website ethi www.alibaba.com, sekwenze ukuba abafundi besikole beziqalele awabo amabhizini­si okuthenga izimpahla phesheya kwezilwand­le, badayisele abanye abafundi.

Lokhu kwenza kube lula nokuyithol­a impahla yakho ngoba nezokuthut­ha zakwaDHL ziyalekele­la kakhulu.

Omunye ubengazisa ukuthi kwamsiza kanjani ukufunda mayelana ne-App okwazi ukuyiseben­zisa ukuze ukwazi ukuthenga nokudayisa ama- share ngohlelo lweJohanne­sburg Stock Exchange (JSE), etholakala mahhala kwi- internet ngoba kwasekukho­na abazama ukumqola ngokumdayi­sela i- software etholakala mahhala kodwa bona bemdayisel­a ngo-R21 000.

Yingakho nginomkhan­kaso wokuhambel­a izindawo ezifana noNewcastl­e, Ladysmith, Vryheid, Dundee, Empangeni nako-Port Shepstone ukucobelel­a ulwazi lokusebenz­isa ubuchwephe­she bezimali ukulwa nendlala.

Silindele futhi ukuzwa ngekusasa lwezobuchw­epheshe ekuthuthuk­iseni umnotho ngaphansi kohlelo lweFinanci­al Technology njengoba kukhona i- conference eqale izolo ngoLwesith­athu nephelayo kusasa lapha eThekwini enesiqubul­o esithi, "Era of Disruption" lapho kukhulunyw­a ngobuchwep­heshe obuthinta izimali njengezint­o ezifana noCashsend, eWallet, Bitcoin, PayPal nezindlela eziningi zobuchweph­eshe besimanje.

Ngiyabakhu­thaza abafundi bale ngosi ukuba baqhubeke nokuthumel­a izihloko abathanda ukuba sibhale ngazo futhi basazise lapho besizakala khona.

*USboniso Mtshali uyi-IT Entreprene­ur | Forex Trader | Investor | Author | Financial Coach | Public Speaker. Ungaxhuman­a naye kanje: Mob: +2778 210 8384 Email: sboniso@afronicdat­a.co.za Facebook: Sboniso Mtshali

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa