AKANAVALO NGENGOMA UMSAKAZI
ISILOMO somsakazo, iGagasi FM, sithi sinethemba lokuthi eminye imisakazo ngeke ijaje ingoma yaso ngokuthi singumsakazi walesi siteshi kodwa, izobheka ubumnandi bengoma. UMzokhona Gumede odume ngelikaMzokoloko kulo msakazo usanda kukhipha ingoma esihloko sithi “Ngena Enganeni” ayihlanganise noMaMillion.
Le ngoma eyi- remix yengoma ekhishwe nguMamillion nyakenye isiqalile ukudlala ezindaweni zobumnandi nakweminye imisakazo yomphakathi. Uthi kuyimanje umatasa uhlela ukuba neminye imisakazo emikhulu ikwazi ukuyidlala le ngoma.
“Akungikhathazi nakancane ukuthi ngisakazela iGagasi ngoba ngiyazi ukuthi imisakazo ngeke ibheke lokho kodwa izobheka ubumnandi bengoma nokuthi iyahambisana yini nenqubo mgomo yesiteshi,” kusho uMzokoloko oshayela uhlelo lwasekuseni olubizwa nge-I Love Mornings With Mzokoloko. Uthi kumjabulisile ukuthi nalo iGagasi seliyifakile ohlwini lwezingoma ezidlalwa emsakazweni.
“Okunye okungijabulisile wukuthi no-Oskido ohlelweni lwakhe ngoMgqibelo kwiMetro FM uyidlalile, wakhombisa ukuyithanda kakhulu,” kusho uMzo.
Uthi sekunesikhathi esemculweni njengoba eqale eminyakeni yama-2000 esaziculela nabangani bakhe.
“Ikhona esayenza nabanye abangani bami esihloko sithi “Shela Kwasani” ukuba yalithola ithuba le ngoma yayizobhincisela nga- nxaye inqwaba yezingoma,” esho ehleka.
Uthi muva nje usebenze noScelo Gowane njengoba becule ndawonye kwenye esihloko sithi “Mtshele” edlalwe kakhulu emisakazweni eyahlukene. Uphinde wenza enye yakhe ethi “Ngicela Uxolo” ekhiqizwe nguyena uGowane.
UMzo uthi uyayithokozela indlela abantu abayithanda ngaye ingoma yakhe noMamillion ezindaweni ezahlukene kanti usezinhlelweni zokwenza i- music video.
“Kuleli sonto lizophela sesiyiphothulile. Kodwa ngizozwa ngeMabala Noise ngoba iyona eyengamele le ngoma,” esho. Uhlela ukukhipha i-album egcwele ngasekupheleni konyaka.