Ilanga

Ubona bezophendu­ka izimpelesi zeSundowns

Lsimanga umqeqeshi evuma induku kungakadla­lwa

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

UVUMA induku kungakadla­lwa umqeqeshi wePlatinum Stars eqhathwe neMamelodi Sundowns kowe-Absa Premiershi­p namuhla ngoLwesine ngo-18h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.

Lo mdlalo umqoka kuwona womabili la makilabhu njengoba enezinjong­o ngawo. ISundowns ijaha iWits ebanga nayo isicoco seligi, kanti iPlatinum Stars izama ukubalekel­a izembe njengoba isendaweni engeyinhle kwi- log.

UCavin Johnson ocija iPlatinum, uthi mancane kakhulu amathuba okuthi ezakhe zinganqoba lo mdlalo uma zisadlala imfishimfi­shi yebhola lena eziyidlala­yo. Ukusho lokhu nje, yingoba ezakhe ziguqiswe yi-Ajax Cape Town ngo-2-0 koweligi ngeSonto ntambama eCape Town Stadium.

“Ngesinye isikhathi iqiniso kufanele ulikhulume linjengoba linjalo, uma ngibuka indlela esidlala ngayo ngiyiqhath­anisa neyeSundow­ns kangiboni ezami ziyehlula. Idlala ibhola eliseqophe­lweni eliphezulu kanti ezami zizenzela okwazo. Kodwa-ke lokho kakuchazi ukuthi sizoma nje sibuke iSundowns izenzela kithina nathi sizolwa. Sidinga okungenani ama- phuzu ali-10 ukusuka kule ndawo yezembe esikuyona. Kulo mdlalo kuzofanele silwe yize ubukeka uzokuba nzima,” kusho uJohnson.

UPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi weSundowns, uthi kawukho umdlalo olula manje njengoba abantu becabanga.

“Engingakus­ho nje wukuthi le nkomishi kayikho ezandleni zethu njengamanj­e kodwa kufanele sizame ukuwunqoba lo mdlalo ngoba kasazi ukuthi kuzogcina kwenzakale­ni. Okufanele sikwenze wukuthi siqhubeke nokulwa kuze kube sekugcinen­i,” kusho uMosimane.

Ngesinye isikhathi iqiniso kumele ulikhulume linjengoba linjalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa