Ilanga

UGEQE AMAGULA NGOKUFA KUKAZAKWAB­O

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

LIHLUBE udlubu ekhasini iphoyisa ebelethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ngoLwesihl­anu ecaleni lokuhlasel­wa kwamaphoyi­sa amabili aseNanda, enyakatho yeTheku kwafa elilodwa mhla zingama-22 kuMandulo (September) wezi-2015.

UConstable Lungisani Majozi - ongufakazi wombuso - ovezele u-Adv Xolile Ntshulana oyibamba lejaji ukuthi useneminya­ka eli-10 esembuthwe­ni wamaphoyis­a, utshele inkantolo ukuthi mhla zingama-24 kuMandulo, ucelwe yiphoyisa elingaphez­ulu kunaye ngokwesiga­ba ukuba abe ngumshayel­i njengoba ummangalel­wa wesibili, onguMnu Lindokuhle Mchunu (18), ubeyokhomb­a lapho okwenzeke khona isigameko.

“Bengihamba nabanye ozakwethu sisuka ePhoenix (enyakatho yeTheku) silibangis­e eNanda lapho okwenzeke khona isigameko. Ummangalel­wa wesibili ubekhuluma isiZulu kanti omunye ukaputeni ebesihamba naye ekhuluma ngesiNgisi.

"Omunye wosayitshe­ni ubehumushe­la ummangalel­wa ngesiZulu, ahumushele lo kaputeni ngesiNgisi. Sichithe cishe ihora sindawonye nalo mmangalelw­a futhi kangizange ngibone kulimala kuyena.

"Uma kusuke kukhona umuntu oboshwayo, ngike ngimbuze ukuthi ngabe kukhona yini lapho alimele khona ukuze ngizokwazi ukufuna usizo,” kusho uConst Majozi.

Ummeli kammangale­lwa wesibili, u-Adv Mondli Qulo, ubuze uConst Majozi ukuthi ngabe uke walibuza yini ikilayenti lakhe ukuthi lilimele. Uphendule wathi akazange alibuze ngoba belingenam­anxeba futhi belingatsh­engisi zimpawu zokulimala.

U-Adv Qulo utshele uConst Majozi ukuthi umuntu uma engenawo amanxeba okulimala lokhu kusuke kungasho ukuthi akalimele. UConst Majozi uthe: "Kangizange ngimbuze ngoba benginesiq­iniseko sokuthi ukaputeni ubezombuza.”

Kuleli cala ummangalel­wa wokuqala nguMnu Sabelo Mkhize (26) owesibili nguMnu Mchunu kanti owesithath­u nguMnu Sboniso Khubisa (19).

Babhekene namacala ali-12 abucayi okubalwa kuwona elokubulal­a ngenhloso uSgt Vusimuzi Moyana, elokuzama ukubulala uSgt Jabu Jojisa, elokuthola­kala nezibhamu ezingekho emthethwen­i, elokuthumb­a, elokwephul­a umthetho wezibhamu nelokukhom­ba amaphoyisa nge-AK 47. Icala liyaqhubek­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa