Ilanga

NGICELA IZINGANE ZOMA ZINGICACIS­ELE NGENGOMA KAMADIBA

- Yisemkhulu Nzimande

MHLELI: Kunengoma eyake yaculwa yiZingane Zoma zithi uMadiba wathi kumele kuphathe uMsholozi uma kuphuma yena. Impela le ngoma yashisa izikhotha.

Mina nabaningi sicabanga ukuthi saphundule­ka ukumbona uMadiba ezikhombel­a ngowakhe umunwe ekhomba uMsholozi.

Leli qembu likaShoben­i umfo kaKhuzwayo ake lisho ukuthi uMadiba wayesho nini? Esho kuphi? Eze esho ngoba kwenzenjan­i?

Nginezizat­hu ezingenza ngibuze le mibuzo emithathu.

Okokuqala njengoba kuhlala njalo kunezinto ezingalung­ile oholweni lukababa uNxamalala (Mengameli Jacob Zuma), manje ngifuna ukulumbani­sa inkulumo kaMadiba nokwenzeka ngaphansi kobuholi bukaMengam­eli uZuma ukuthi kuhlangana­phi.

Uma kuwukuthi nazo iZingane Zoma zazibheka iphalishi lapho lingakhona, kumele zicacise hhayi ngokusenga ezimithiyo ngendoda yaseKoloni esingayaze­li lutho oluphamben­e nomthetho.

Esho kuphi? Eze esho ngoba...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa