NGIBONGA UMVELINQANGI NGOMNTWANA WAKWAPHINDANGENE
Ngokukhulu ukuzithoba, ngicela ukuguqa ngibonge uMvelinqangi ngokusipha umholi oqotho futhi owazisa iqiniso njengoMntwana waKwaPhindangene. Ngimncane kakhulu ngeminyaka yokuzalwa kodwa umqondo wami uhluzeke kakhulu ngoba ngiyakwazi ukubona umuntu oqotho kwazise awami amehlo kawanawo umlanga.
Umntwana kuningi asengifundise khona phansi komthunzi welanga nakuba ngingakaze ngimbone ngamehlo enyama kodwa ngiyamazi ngemisebenzi yakhe nangezinkulumo azethulayo uma kunezimbizo. Isizwe sikaMthaniya nesisu avundla kusona sikaMntwana uMagogo, sibusesikile.
Ngibongela nesizwe sonke sakwaButhelezi ngokuba nomholi oqotho njengomntwana, ngifisa sengathi abaholi beNkatha bengafunda lukhulu kuyena kwazise ubuholi bakhe kabunayo inkohlakalo futhi akawabali amatshwele isikhukhukazi singakawachamuseli amaqanda aso. Uma ngimusho ngingathi: Ihwanqa lakithi KwaPhindangene ebelilihle njengengane.
Isikhukhukazi esifukamele amatshwele nyakana sachamusela ncinci siyakuzidla izinkukhu, kasiyukuba njengazo lezi ezifukamele ihhuwa likazimelegeqe. Kwasa wakhuluma wanjengomuzi wakini eNsabekhuluma, wakhuluma waze waphindelela njengomuzi wakini
KwaPhindangene, wakhuluma baze bathi
yaphoqa njengomuzi wakini KwaPhoqindoda, wakhuluma waze washumayela njengomuzi wakini
kuShumayeleni, isigcino uzohlabana njengomuzi wakini eMahlabaneni, Phungashe, Shenge, Sondiya wena kaMnyamana kaNgqengelele. UMFUNDI WELANGA