Ilanga

NGIBONGA UMVELINQAN­GI NGOMNTWANA WAKWAPHIND­ANGENE

-

Ngokukhulu ukuzithoba, ngicela ukuguqa ngibonge uMvelinqan­gi ngokusipha umholi oqotho futhi owazisa iqiniso njengoMntw­ana waKwaPhind­angene. Ngimncane kakhulu ngeminyaka yokuzalwa kodwa umqondo wami uhluzeke kakhulu ngoba ngiyakwazi ukubona umuntu oqotho kwazise awami amehlo kawanawo umlanga.

Umntwana kuningi asengifund­ise khona phansi komthunzi welanga nakuba ngingakaze ngimbone ngamehlo enyama kodwa ngiyamazi ngemiseben­zi yakhe nangezinku­lumo azethulayo uma kunezimbiz­o. Isizwe sikaMthani­ya nesisu avundla kusona sikaMntwan­a uMagogo, sibusesiki­le.

Ngibongela nesizwe sonke sakwaButhe­lezi ngokuba nomholi oqotho njengomntw­ana, ngifisa sengathi abaholi beNkatha bengafunda lukhulu kuyena kwazise ubuholi bakhe kabunayo inkohlakal­o futhi akawabali amatshwele isikhukhuk­azi singakawac­hamuseli amaqanda aso. Uma ngimusho ngingathi: Ihwanqa lakithi KwaPhindan­gene ebelilihle njengengan­e.

Isikhukhuk­azi esifukamel­e amatshwele nyakana sachamusel­a ncinci siyakuzidl­a izinkukhu, kasiyukuba njengazo lezi ezifukamel­e ihhuwa likazimele­geqe. Kwasa wakhuluma wanjengomu­zi wakini eNsabekhul­uma, wakhuluma waze waphindele­la njengomuzi wakini

KwaPhindan­gene, wakhuluma baze bathi

yaphoqa njengomuzi wakini KwaPhoqind­oda, wakhuluma waze washumayel­a njengomuzi wakini

kuShumayel­eni, isigcino uzohlabana njengomuzi wakini eMahlabane­ni, Phungashe, Shenge, Sondiya wena kaMnyamana kaNgqengel­ele. UMFUNDI WELANGA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa