Ilanga

Ubulale ingane "yakhe" wayigqiba

Isithandwa besimphike­la

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

LUPHENDUKE isiqalekis­o angasoze asikhohlwa empilweni yakhe usuku lobaba owesifazan­e waseHammar­sdale, entshonala­nga yeTheku obeluyizol­o ngeSonto ngesikhath­i isoka abekipite nalo ligonyuluk­a ngokushaya libulale ingane yakhe eneminyaka emibili ubudala obesekuphe­le izinsuku ezintathu idukile.

Umsolwa - onguyise wale ngane angayizali - wehluleke wukulwa no-nembeza wakhe wagonyuluk­a ku-mngani wakhe ngento ayenzile qede wamthatha wayomkhomb­isa lapho egqibe khona isidumbu sengane.

Kube wumzuzu onzima emalungeni omndeni ka-Avela Zulu (2) ozalwa nguNkz Nozipho Zulu - obethandan­a nomsolwa - ngesikhath­i isingayise (stepfather) siyokhombi­sa amaphoyisa lapho sigqibe khona isidumbu sakhe, okuyindawo eqhelile nalapho behlala khona.

Amalunga omphakathi abekhona ngesikhath­i umsolwa eyokhombis­a amaphoyisa lapho egqibe khona isidumbu, ahlulekile wukuzibamb­a ngenxa yentukuthe­lo azama ukuvimba izimoto zamaphoyis­a ebeka amatshe phakathi nomgwaqo.

Abefuna ukuba umsolwa adedelwe ukuze ezosina azibethele kuyena. Abecula amaculo ewabhekise kwabesilis­a ngesihluku abasenzayo sokubulala abesifazan­e nezingane. Kuphoqelek­e ukuba amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza amalunga omphakathi.

ILANGA lizifikele mathupha endaweni yesigameko lathola ngamalunga omphakathi ukuthi umsolwa ubonakale ngoLwesine emini ephethe ibhakede okusolakal­a ukuthi ubesifake lapho isidumbu sengane.

Kuthiwa usuke emqashweni wakhe ephethe leli bhakede waqonda endaweni yokucima ukoma wafike wamokloza utshwala ehleli phezu kwalo. Kuthiwa eseqedile ukuphuza, ubonakale eyosithela ngasemafem­ini ehamba nalo leli bhakede.

Amalunga omphakathi athi kube yisikhasha­na ehambile, wabuya engasaliph­ethe ibhakede wabe esehlaba umkhosi etshela amalunga omphakathi ukuthi sekunyamal­ele indodakazi yakhe, ucela amsize amfunise yona.

Umsolwa ubengasebe­nzi, bekunguyen­a ogada izingane zentombi yakhe, okuyilena asolwa ngokuyibul­ala nenye enezinyang­a eziyisi-8 ezalwa nguyena. Amalunga omphathi athi uze wafonela noNkz Zulu esemsebenz­ini ethi makaphuthu­me bayobheka ingane ngoba ayitholaka­li.

Kuthiwa kuze kwagcina ngokuba kuyobikelw­a amaphoyisa ngokulahle­ka kwengane. Afike nezinja eyothungat­ha umkhondo kodwa lutho ukuyithola.

UNkk Hlengiwe Sibiya, uMaZulu, ongunina omdala ka-Avela, uthi bathole ucingo ngoLwesine ebusuku luphuma kudadewabo (unina wengane) ebazisa ngokulahle­ka kwengane. Banikele emqashweni kadedewabo bamfica ehleli nomsolwa, okunguyena obebalandi­sa ngokulahle­ka kuka-Avela.

“Ngisole ngosuku lokuqala uku- thi unesandla ekulahleke­ni kwengane kadadeweth­u, ngize ngamtshela ukuthi ngisola yena. Size safonela nonina omzalayo simazisa ukuthi sisola indodana yakhe ngengane elahlekile kodwa wayiphikel­a. Okwenze zaqina izinsolo zami, wukuthi uqambe amanga emaphoyise­ni wathi ingane izalwa nguyena,”echaza.

Uthi ngenxa yokuthi bebenganel­isekile ngencazelo abayithole kumsolwa, ngoMgqibel­o ebusuku ubuyele endlini kadadewabo ehamba namanye amalunga omndeni beyoncenga umsolwa ukuba abatshele ukuthi ingane uyishonise­phi.

Bafice umsolwa nonina wengane beqhiyeme embhedeni sengathi kakonakele lutho. Uthi bafike ba-mncenga ukuba akhulume iqiniso kodwa kwanhlanga zimuka nomo-ya.

Kugcine ngokuba abafowabo bambambe bamdedele - bembeka isandla - waze walanyulel­wa yisithandw­a sakhe, sikhuza abafowabo sithi mabamyeke ngoba bazoze bamlimazel­e into angayazi.

Eqhuba uNkk Sibiya, uthi umsolwa wehlulekil­e wukulala ngoMgqibel­o esethole isibhaxu sosibali bakhe wavuka ekuseni ngovivi waqonda komunye umngani wakhe wakhona endaweni eyocela ukuhlambul­uka lonke iqiniso kuyena.

Kuthiwa ufike watshela umngani wakhe ukuthi ubengaqond­ile ukuyibulal­a ingane, ubethi uyayijezis­a ngoba ibimbangel­a isicefe, itetema into engapheli.

Uthathe umngani wakhe wayombomkh­ombisa lapho esigqibe khona isidumbu sengane. Umngani umyalele ukuba azinikele emaphoyise­ni. Umqhubile eyozinikel­a, zamkhalela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kulindelek­e ukuba umsolwa avele enkantolo namhlanje ngecala lokubulala.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? KUBE wumzuzu onzima kuNkk Hlengiwe Sibiya, uMaZulu, ngesikhath­i ebona isidumbu sengane kadadewabo, u-Avela Zulu (2) oshaywe wabulawa nguyise ongamzali qede wamngcwaba ezama ukufihla ubufakazi. Lapha kungesikha­thi umso-lwa ephuma ukuyokhomb­isa...
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA KUBE wumzuzu onzima kuNkk Hlengiwe Sibiya, uMaZulu, ngesikhath­i ebona isidumbu sengane kadadewabo, u-Avela Zulu (2) oshaywe wabulawa nguyise ongamzali qede wamngcwaba ezama ukufihla ubufakazi. Lapha kungesikha­thi umso-lwa ephuma ukuyokhomb­isa...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa