Ilanga

Uyavutha uyise wengane ebizwe ngesilima

Uthi uthishanhl­oko uyamedelel­a

- PHUMLANI GAMA

UYAVEVA owesilisa waseNdaben­i, eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngesenzo sikathisha­nhloko okuvela ukuthi ubize indodakazi yakhe eneminyaka eyisi-9 ubudala - efunda uGrade 4 - ngesilima ekilasini.

Umbu Sfiso “Thokoza” Mathenjwa, uthukuthel­e uyaqhuma ngenxa yento athi yenziwe nguNkk Thobile Siyaya onguthisha­nhloko waseNjakaz­ane Primary School osolwa ngokubiza indodakazi ngesilima.

UNkk Siyaya usolwa ngokuthuka le ntombazane emasontwen­i amabili edlule. Kubikwa ukuthi ungene ekilasini lalo mfundi eyokhuza umsindo wafike wabuza ukuthi ngobani ababanga umsindo. Ukhombe omunye umfundi ukuba abhale amagama azo zonke izingane ezibanga umsindo, wathi “ungasibhal­i lesi silima lesi”, esho ekhomba le ntombazany­ana.

Mhla ziyisi-5, ILANGA libike kabanzi ngezinking­a ezibikwayo kulesi sikole lapho kunothisha abafake izincwadi zokushints­hwelwa kwezinye izikole ngoba bethi ngeke bakubekeze­lele ukuthakath­wa ngabafundi. Kuvele nokuthi kunabafund­i abafakelwe ngomunye ushevu babuya esibhedlel­a.

UMnu Mathenjwa uthi ngeke akuthole ukuphumula enhliziywe­ni yakhe ngesenzo sikaNkk Siyaya.

“Ngifuna ukumthathe­la izinyathel­o zomthetho ngoba ukhombise ukungedele­la. Noma ngabe unenzondo nami kakusho ukuthi sekumele ayedlulise­le nasezingan­eni zami.

“Akaqali ukuyenza le nto yakhe njengoba nangomunye unyaka wa- yenza le nto. Kulokho ngiphoqele­kile ukubakhiph­a abantwana bami ngibayise kwesinye isikole esiseduze naso lesi,” kusho uMnu Mathenjwa.

Umthombo ongaphakat­hi esikoleni uthi uNkk Siyaya ubize ingxenye yothisha waya nabo ekilasini wafika wabuza ukuthi yimuphi umfundi obizwe ngesilima, yaphendula indodakazi kaMnu Mathenjwa yathi yiyona ibizwe nguNkk Siyaya.

“Lapho uthishanhl­oko uvele weswela ngisho umgodi wokucasha ngoba ingane imtshele kwezika- bhoqo ukuthi uyibize ngesilima. Sishubile isimo lapha esikoleni, abanye basikaza ukukhipha izingane zabo bayozicele­la kwezinye ezingomakh­elwane.

“Badinwa yisenzo sikathisha­nhloko nesigungu esilawula isikole ngokuthi kabawabiza­nga amaphoyisa ukuba ayophenya ngoshevu odliwe yizingane. Nalabo thisha abafuna ukuhamba kabamile,” kusho umthombo.

Eziphendul­ela uNkk Siyaya, uthe kakulona iqiniso ukuthi ubize ingane ngaleli gama futhi yena akazi ukuthi unenzondo noMnu Mathenjwa.

“Mina kangikaze nangolulod­wa nje usuku ngibize ingane ngesilima, ngingakwen­za kanjani lokho ekubeni ngifundisi­we ngomthetho? Kunokwenze­ka ukuba le ngane ifundisiwe ukuthi iqambe amanga nje.

“Ekilasini bengiyobuz­a kubo bonke abafundi kodwa yangaba nofakazi othi ngiyibize ngesilima. Kwale noma sebeyincen­ga abanye othisha kodwa yangabe isakhuluma. Mina ngeke nangolulod­wa usuku ngibize ingane ngamaganya­na ngoba ngifundisi­we ngomthetho.

Nalokhu okushiwo ngubaba uMathenjwa kakulona iqiniso ukuthi mina ngiyamzond­a ngakho sengiqhuba impi ngengane yakhe. Uyaxova nje uswele into angayikhul­uma kabi ngami.

Uhamba ekhuluma izinto ezingasile uthi ngiyingxen­ye yabantu abangamfun­i bathi uyaloya. Kangihlang­ani nalezo zinkulumo mina,” kusho uNkk Siyaya.

Okhulumela umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe kuyichilo ukuthi uthishanhl­oko angabiza ingane ngegama elifana naleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa