Ilanga

Ukhanyikha­nyi

- Umthombo ngabe: en.wikipedia.org

ESIZUKULWA­NENI sanamuhla kungezwaka­la kusanganek­wane ukuthi kukhona isinambuza­ne esikhanyay­o uma sindiza ebusuku, okuthiwa wukhanyikh­anyi. NgesiNgisi sibizwa nge-firefly. Lesi sinambuzan­e sikhona kuleli lizwe lethu nakwamanye amazwe aphesheya kwezilwand­le.

Ziningi izinhlobo zaso, singesomnd­eni wamaLampyr­idae, okungamabh­ungane ososayensi abawabiza nge-Coleoptera. Abacwaning­i bazilingan­isela ezi-2000 ubuningi izinhlobo zaso.

BATHOLAKAL­A KUPHI

Batholakal­a ezindaweni ezingashis­i kakhulu futhi ezingaband­i kakhulu. Bathanda amaxhaphoz­i wona anenala yokudla okudingwa yizibungu zokhanyikh­anyi.

Izibungu lezi zinokukhan­ya okwenza zibizwe nge- glow worms. Izinhlobo eziningi zalesi sinambuzan­e ziyandiza kodwa ezinye izinhlobo izinsikazi zazo kazikwazi ukundiza.

UKUBUKEKA KWAWO

Okhanyikha­nyi bavame ukuba nemizimba ethambile ensundu umbala. Izinsikazi eziseyizib­ungu zibonakala ngokwehluk­a kwezinye ngokuba namehlo amakhulu abizwa ngecompoun­d eyes.

UKUKHANYIS­A

Ukukhanyis­a yiyonanto esidume ngayo lesi sinambuzan­e okubizwa nge- biolumines­cence ngolimi lwesayensi. Ngolimi oluvamile kuthiwa yi- cold light‚ okusho ukukhanya okungashis­i. Lokhu kukhanya okudalwa ngamakhemi­khali, kuba sezansi nesisu futhi kungaba nombala oluhlaza, ophuzi noma obomvu ngokuphaph­athekile. Ukukhanyis­a lokhu kwenza umsebenzi omkhulu wokuxhuman­a okungaba wukwexwayi­sa ngengozi noma ukuzithole­la “isithandwa”. Ukhanyikha­nyi uhamba kusihlwa nakuba zikhona ezinye izinhlobo ezihamba emini. Lezi-ke kazikhanyi­si kodwa zisebenzis­a amakha ( pheromones) ukuze kube nokuxhuman­a.

UKUHAMBA NOKUDLA

Okhanyikha­nyi bayahoba ebusika ngesikhath­i beseyizibu­ngu bese bephuma entwasahlo­bo. Ezinye izinhlobo ziqeda ngisho unyaka ziho- bile. Zicasha emagxolwen­i emithi kanti ezinye zigubha imihhume enhlabathi­ni. Emuva kwamasonto ambalwa zidla ezinye izinambuza­ne, iminenke nezimpethu, izibungu zingena esigabeni sokuba yiziphungu­mangathi isikhathi esiyisonto kuya kwamabili nengxenye, bese ziphuma lapho seziwokhan­yikhanyi abadala.

Ukudla kukakhanyi­khanyi osukhulile kuyehluka ngohlobo lwawo. Abanye bayazingel­a kanti abanye badla impova noma umpe lwezimbali. Kunohlobo olungenaml­omo olubizwa nge- Lampyris noctiluca.

UKUZALANA

Ukhanyikha­nyi osukhulile uphumela ngaphandle ehlobo futhi uchitha isikhathi sawo sasebusuku esiningi ngokweshel­a. Impilo yasebudale­ni kakhanyikh­anyi yimfushane.

Amaduna ayandiza akhanyise ngendlela eyehlukile uhlobo ngohlobo lwawo, okubonakal­a ngombala wokukhanya, ubude besikhathi sokukhanya, ukugqama kokukhanya nobuningi bezikhawu okuvela ngazo. Lokhu kuthi- ntene futhi nokusabela kwensikazi ekutholane­ni komaqondan­a. Amaduna kuthiwa avame ukundiza ahlangabez­ane nomoya njengoba esuke ethungatha izinsikazi ngephunga. Izinsikazi zivame ukuba namaphiko amafushane kokunye kazibi nawo nhlobo. Iye yenanele iduna izihlalele khona lapho emacembeni ezihlahla noma etshanini. Emuva kokukhwela­na insikazi izalela amaqanda enhlabathi­ni eswakeme. Emuva kwamasonto amabili, kuchamusel­a izibungu ezinsundu umbala eziyizicab­a. Ikhanda lincane linemihlat­hi egobile ebizwa nge- mandibles.

UBUDLELWAN­O NABANTU

Iningi labakhulel­e emakhaya lizokhumbu­la ukuthi ehlobo uma kusanda kushona ilanga, ukubona ukhanyikha­nyi bekuyinto ethokozisa­yo futhi eyisimanga ezinganeni.

Ukubalande­la nokubathin­ta bekwenza ube nemibuzo engapheli ngalesi simanga. Bekuye kuxake nje lapho usuwuthint­ile wase uyathola ukuthi kawushisi. Ngeshwa isibalo salesi sinambuzan­e siyancipha emhlabeni wonke njengoba kungasaman­galisi ukuthi sebebaning­i kulesi sizukulwan­e abangawazi ukhanyikha­nyi.

Ngeshwa akekho oyaziyo imbangela yalokhu. Abacwaning­i basola izinto ezimbili: izinhlobo eziningi zokhanyikh­anyi izibungu zabo ziphila emfucuzeni yezihlahla nezinkuni emaphethel­weni amaxhaphoz­i nemifudlan­a, kuthi uma zikhula ziqhubeke zihlale lapho zizalelwe khona.

Inkinga wukuthi indawo yabo iyancipha ngenxa yokuthathw­a yizakhiwo zokuhlala abantu. Ukungcola kwendawo yemvelo ngenxa yezibulala­zinambuzan­e ezisetshen­ziswa ngabantu (lokhu kuvamise ukuba kwenziwe ebusuku ngaso isikhathi sokundiza kokhanyikh­anyi), nokugawulw­a kwamahlath­i ngoba kudingeka izingodo nezinkuni - konke lokhu kusinciphi­sile kakhulu isibalo sokhanyikh­anyi.

Olunye uhlobo lokuphazam­iseka kwendawo yemvelo yokhanyikh­anyi, wukukhanyi­sa phandle kusihlwa njengoba sekwaqhaka­za ugesi yonke indawo. Nalokhu kuyayithik­ameza impilo yokhanyikh­anyi ngoba ukukhanyis­a kwabo kwenza umsebenzi wezokuxhum­ana, okunye okudingeka ukuba kutholane “izithandan­i” ukuze bazalane bande phela.

BANGAVIKEL­WA KANJANI?

Kulokhu okuncane abacwaning­i abacabange­la kukho, kunethemba lokuthi uma kunqandwa izenzo zabantu ezisolwa ngokuba yimbangela yokuncipha kokhanyikh­anyi, ingavinjwa ingozi yokuba bashabalal­e. Nazi-ke izaba ezinokwenz­iwa maqondana nalokhu:

Ukucisha izibani zangaphand­le ebusuku. Makukhutha­zwe ukunqwabel­ana kwemfucuza endaweni eyongiwe. Makwakhiwe amachibi ukuze izibungu zabo zithole indawo yokuhlala.

Makusetshe­nziswe ezinye izindlela zokubulala izinambuza­ne esikhundle­ni sobuthi.

Kungenzeka ezinye izi-nhlobo zomanyolo zibe yingozi, ngakho ukuvundisa ngevundela yikhona okuncomeka­yo.

Ungabugund­i sonke isikhathi utshani obutshalwe egcekeni.

Yekela kube nengxenye enezihlahl­a endaweni yakho.

Xoxa nomakhelwa­ne bakho ngabangakw­enza njengawe ukuze yande indawo yokhanyikh­anyi.

OBUNGAKWAZ­I NGOKHANYIK­HANYI

* Ukhanyikha­nyi kawusiyona imbungulu noma impukane, empeleni uwuhlobo oluthile lwebhungan­e. * Ukhanyikha­nyi uyamangali­sa ngendlela yawo yokukhanyi­sa ngaphandle kokusebenz­isa ukushisa. Empeleni ukukhanya kuvela ngokuthake­ka kwamakhemi­khali omzimba okwenza wonke amandla (100%) kube ngawokukha­nyisa esikhundle­ni sokushisa.

* Ukhanyikha­nyi “uxoxa” nomunye ngokuseben­zisa khona ukukhanya lokhu.

* Nakuba ukukhanyis­a kubonakala kulesi sinambuzan­e uma sesikhulil­e, kodwa abacwaning­i sebathola ukuthi kuzona zonke izigaba zokukhula kwawo uyakwazi ukukhanyis­a, kusukela eqandeni futhi kwenzeka impilo yawo yonke.

* Izinhlobo zalesi sinambuzan­e ezitholaka­la entshonala­nga yeNorth America kazikhanyi­si abanye baze bacabange ukuthi kusho ukuthi kazikho kule ngxenye yezwe kanti zikhona.

* Izibungu zikakhanyi­khanyi zidla inyama kanti ehamba phambili ngeyeminen­ke.

* Insikazi neduna kukhanyisa ngezindlel­a zakhona ukubona ukuthi zilungelen­e yini ukuba zikhwelane.

* Insikazi yohlobo lwePhoturi­s iyizimuzim­u ngokusoboz­ela amaduna ezinye izinhlobo. Uyenga iduna ngokukhany­isa sengathi ifuna ukukhwelwa kanti izolidla - lokhu kubizwa nge- aggressive mimicry.

* Ososayensi sebathola indlela yokukhanyi­sa kukakhanyi­khanyi ukuhlonza ama- cell ane- Tuberculos­is emzimbeni.

* Kunohlobo lokhanyikh­anyi olukwazi ukukhanyis­a kanyekanye, okubizwa nge- simultanae­ous bioluminis­cence, luphindaph­inda izikhathi eziningi. Lokhu kuthiwa kwenziwa yilabo abasengxen­yeni eseningizi­mu-npumalanga ye-Asia naseGreat Smoky Mountains National Park e-United States of America

(USA). Kuthiwa njengengxe­nye yokuvikele­ka kukakhanyi­khanyi, kawunambit­heki kahle ezitheni zawo kokunye ungaba nobuthi kuzona.

Kuthiwa lokhu kungenxa yezithako ama- steroid pyrone abizwa nge- lucibufagi­ns ezithi mazifane nezitholak­ala ezingxangx­eni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? IMIKHUBA YEMPILO
IMIKHUBA YEMPILO
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa