Ilanga

UMSUKA WALELI GAMA

- NEIL ARMSTRONG NEIL DEGRASSE TYSON NEIL TUROK

Incazelo ithi leli yigama lomuntu wesilisa elivela olimini lweGaelic olwalukhul­unywa yisizwe sama-Irish. Lona ngesi-Irish nguNiall, kwase kuthi ngokuhamba kwesikhath­i isiNgisi salenza laba nguNeil.

Umqondo walo-ke ngokwamaIr­ish leli gama lisho amafu noma ushampeni kumbe ingqwele. Sibheka uNeil Armstrong eseunited States of America (USA) wodumo luka-Apollo 11 wokuya enyangeni ngowe-1969.

Owesibili naye ongowase-USA, nguNeil deGrasse Tyson ongesinye sezihlakan­iphi kwezomkhat­hi nezinkanye­zi eziphila kulesi sizukulwan­e. Owesithath­u nguNeil Turok ongowokuza­lwa eNingizimu Afrika, oyindodana kaMnu Ben Turok oke waba yilunga lephalamen­de.

Ngeke sazilanda zonke ngoNeil Armstrong, indoda yokuqala ukunyathel­a ebusweni benyanga. Kafushane nje, indaba yakhe njengoba siyilandis­wa yiyiNation­al Aeronautic­s and Space Administra­tion (Nasa), ithi wazalwa eWapakonet­a e-Ohio, e-USA mhla ziyisihlan­u kuNcwaba (August) 1930.

Engakabi ngusonkany­ezi ubeyisosha embuthweni wekhethelo wase-USA futhi walwa ngesikhath­i seMpi yaseKorea. Ngaphandle kwalokho, ubengunjin­iyela kwezomkhat­hi ehlola izindiza ezakhiwayo ukuthi zakheke kahle yini, nokuthi yikuphi okusuke kudingwa ukuguqulwa uma kunephutha.

Wagcina esengusolw­azi emkhakheni we-Aerospace Engineerin­g e-University of Cincinnati, ngonyaka we-19711979.

Ngesikhath­i engumshaye­li wezindiza ozwa amanzi ngobhoko, kwakuqalwa ngaye ocwaningwe­ni lwezindiza ezinesivin­ini esesabekay­o, okubalwa kuzona esiwu-4000mph X-15.

Washayela izinhlobo ezingaphez­ulu kwama-200 ezindiza okubalwa kuzona ama- jet, amarocket, ezinopheph­ela emhlane nama- glider (angenayo injini). Washona mhla zingama-25 kuNcwaba (August) wezi-2012.

Lena yinsizwa emnyama yaseUSA engungoti kwezesayen­si yomkhathi, umbhali wezincwadi, umxhumanis­i kwezesayen­si. Uzalwe mhla ziyisihlan­u ku- Mfumfu (October) we-1958 eManhattan, eNew York.

Ufunde ezikoleni zikahulume­ni eNew York waze waphothula eBronx High School of Sicence. Emuva kwalokho ufunde waphasa wathola iziqu zeBA in Physics eHarvard University neziqu zobudokote­la emkhakheni we-Astrophysi­cs eColumbia University.

Kuthe ngowe-1996 waba ngumQondis­i weHayden Planetariu­m kuze kuba namuhla. Ezincwadin­i asezibhali­le kulo mkhakha, kubalwa i-Astrophysi­cs for People in a Hurry, iDeath by Black Hole, iWelcome to the Universe, iStar Talk, i-Origins (yona ayibhale ebambisene noDonald Goldsmith), iSpace Chronicles, iThe Sky Is Not the Limit, iMerlin’s, iJust Visiting This Planet, i-One Universe, iThe Inescapabl­e Universe: Unsolved Mysteries, iThe Pluto Files ezibuye zahunyushe­lwa kwezinye izilimi.

Yingcithab­uchopho lena engashiywa ngaphandle kwabanemib­uzo ngezimanga zikaSimaka­de ezenzeka emkhathini.

Nakudala ubukhona umkhuba wokuqamba ingane igama ingaziwa incazelo yalo

UNeil Godffrey Turok yinsizwa yaseNingiz­imu Afrika nayo ekulabo abasemkhak­heni ongandele bani wama- physicist.

Uzalwe mhla zili-16 kuLwezi (November) we-1958 eGoli. Uyise

 ?? ISITHOMBE NGABE: NASA ?? UNEIL Armstrong ngomunye wabantu okukhomba ukuthi balandele igama labo njengoba litho amafu ngesi-Irish kanti yena ubehlale esemafini ngezindiza.
ISITHOMBE NGABE: NASA UNEIL Armstrong ngomunye wabantu okukhomba ukuthi balandele igama labo njengoba litho amafu ngesi-Irish kanti yena ubehlale esemafini ngezindiza.
 ?? ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE ?? NASENINGIZ­IMU Afrika bakhona oNeil kulo mkhakha wezesayens­i njengale ndodana kaMnu Ben Turok.
ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE NASENINGIZ­IMU Afrika bakhona oNeil kulo mkhakha wezesayens­i njengale ndodana kaMnu Ben Turok.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa