Ilanga

Bahlomise intsha yaseSidumb­ini

-

UHLOMISE intsha yaseSidumb­ini, eNdwedwe, enyakatho yeTheku, wayikhutha­za ukuba ihloniphe abazali bayo futhi izazi lapho ivela khona uMfu Sthembiso Zondo wodumo lwezinkulu­mo ezakhayo.

UMfu Zondo ubeyisikhu­lumi sosuku ngosuku lwentsha emcimbini obuhlelwe nguFata David Sithole weCorpus Christi Parish yebandla lamaRoma aKhatholik­a kule ndawo ngeledlule.

Intsha nabazali bayo bebephume ngobuningi kwaba nemincinti­swano yokuxukuza ingqondo, intsha ibuzwa imibuzo ngezimo zempilo. Akapholisa­nga maseko uMfu Zondo ngesikhath­i enikwa ithuba lokukhulum­a, ukhumbuze intsha ukuthi umuntu unezigaba ezintathu empilweni yakhe.

Uthe yisigaba sokuba yingane, esokuba musha nesokuba ngumuntu omdala.

“Zonke lezi zigaba kumele umuntu adlule kuzona, angazidoji. Kuyingozi ukudoja isigaba sobusha. Kakumele abantu bahlale begxeka uhulumeni esikhundle­ni sokuzigxek­a bona ngokwehlul­eka kwabo. Hlonipha lapho uvela khona futhi ungakhohlw­a lapho uvela khona,” kubeka uMfu Zondo.

Uthe kumele intsha ithole izibusiso zabazali bayo besaphila ngoba uma seyizifuna sebengasek­ho, kunzima futhi kuyizindle­ko.

“Kukhona abathengel­a izintombi zabo ukudla okuphambil­i kodwa abazali babo beququdwa yindlala. Abanye bahlala ezindlini eziphambil­i, bahamba nangezimot­o zikanokush­o kodwa abazali babo bahamba ngamabhasi, okuyinto embi,” kusho yena.

Wenze isibonelo ngaye, elanda umlando wokuthi uke wahlupheka waze wathathelw­a imoto ehluleka wukuyikhok­hela kodwa uNkulunkul­u wamakhela isu lokuba ayokhuluma emngcwaben­i womsakazi othile lapho uLinda Sibiya, owayeseben­zela Ukhozi FM, ambona khona wamweza ngelibanzi. “Hlonipha lapho uvela khona, gxila lapho ukhona bese wazi lapho uya khona,” kuphetha uMfu Zondo.

Ikhansela elingaphan­si kukaMasipa­la waseNdwedw­e, uMnu Sipho Gwamanda, likhumbuze intsha ngomzabala­zo wentsha yangonyaka we-1976 lagcizelel­a ukuthi nanxa sekuba sengathi umzabalazo wemfundo eNingizimu Afrika wenzeka eSoweto kuphela, naKwaZulu-Natal emalokishi­ni afana naKwaMashu naseLindel­ani enyakatho yeTheku, yazabalaza intsha.

UMnu Gwamanda uthe bewumasipa­la bazoqala ukuhambela izikole zakule ndawo bahlomise abafundi ngemikhakh­a okumele bayilandel­e uma sebephothu­le ibanga le-12. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Kukhona abathengel­a izintombi zabo ukudla okuphambil­i kodwa...

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMfu Sithembiso Zondo (ophakathi nendawo) nentsha yegatsha leCorpus Christi Parish eSidumbini, eNdwedwe, enyakatho ntshonalan­ga yeTheku.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMfu Sithembiso Zondo (ophakathi nendawo) nentsha yegatsha leCorpus Christi Parish eSidumbini, eNdwedwe, enyakatho ntshonalan­ga yeTheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa