Ilanga

Ikhansela ligwaze inkosi ngebhodlel­a

Ligajwe yisikhwele langabe lisabuza

- NOMFUNDO NGWANE

ZISASHAQEK­ILE izakhamizi ezingaphan­si kukaMasipa­la iDkt Nkosazana ngokuchith­eka kwegazi esigcawini sokucobele­lana ngolwazi nokuziphat­ha kwabaholi obekukhona kusona amakhansel­a nabaholi bendabuko kwelinye lamahhotel­a e-Underberg, eningizimu-ntshonalan­ga yeKwaZulu-Natal, lapho ikhansela ligwaze inkosi ngebhodlel­a.

UNkz Kholeka Hadebe, oyikhansel­a elimele iqembu (i-African National Congress - ANC) kuwadi 81 ngaphansi kukaMasipa­la iDr Nkosazana Dlamini Zuma, ungene kwelikhulu ihlazo egwaza iNkosi Patrick Memela yaseDonnyb­rook, eningizimu-ntshonalan­ga yeKwaZulu-Natal.

Kubikwa ukuthi indaba isuke emuva kokuba uNkz Hadebe exabane nesoka lakhe, uMnu Philani Shange, eliyisekel­a lemeya kulo masipala.

Umthombo weLANGA ongashayi eceleni - ocele ukuba singawudal­uli - uthi lesi sigameko senzeke ngoLwesine olwedlule.

Uthi lesi sigcawu besihlanga­nisa amakhosi namakhanse­la bebhukhelw­e ihhotela abebezohla­la kulona isonto lonke. Indaba yenzeke ebusuku abantu sebelungis­elela ukuyolala, ngokusho komthombo.

Kuthiwa iNkosi Memela ibihleli endlini ebizolala kuyona noMnu Shange beshaya iziphuzo ezikhala kahle, kukhona nabesifaza­ne abebengeyo­na ingxenye yesigcawu, abebeyizim­enywa.

Umthombo uthi kukhona ohle- bele uNkz Hadebe ukuthi zibondiwe egunjini okulala kulona inkosi, kuphuzwa utshwala, kukhona nabesifaza­ne abangaziwa.

Kuthiwa uthukuthel­e wagana unwabu waya egunjini lenkosi waqonda kuMnu Shange wamkhwelel­a ngamankoma­ne emsola ngokuthi umenza isilima. Lokhu kubikwa ukuthi ukwenze esola ukuthi kukhona othandana noMnu Shange kulaba besifazane.

Umthombo uthi uNkz Hadebe uphihlize ibhodlela phansi eligcine ligwaze iNkosi Memela ngaphezu kweso ngesikhath­i izama ukulamula.

“Igazi bese limanaphan­apha ehhotela, ubungafung­a ukuthi kusejoyint­ini,” kusho umthombo.

Uthi kwenzeka lokhu nje bekukhulun­ywa ngendlela yokuziphat­ha kwabaholi emphakathi­ni ukuba babe yisibonelo esihle.

“Kusethusil­e ukuthi kungakaphe­li ngisho isikhathi esingengak­anani kade kukhulunyw­a ngendlela yokuziphat­ha ikhansela selenza umonakalo ongaka, lihlulwa ukulawula ukudinwa kwalo ngenxa yomjolo‚” kuqhuba umthombo.

Uthi inkosi ivulele uNkz Hadebe icala ngokuyigwa­za.

Ikhuluma neLANGA iNkosi Memela, isiqinisek­isile lesi sigameko. Ithi uNkz Hadebe uzamile ukuxolisa ngemuva kwesigamek­o.

“Nginqume ukuvula icala ngoba le nto ayenzile iwukungehl­isa isithunzi ngibe ngiyinkosi. Yize exolisile kodwa lokhu akwenzile kumele ajeze ngakho futhi kumele axolise nakubantu engibahola­yo ngokwehlis­a isithunzi senkosi yabo,” kusho iNkosi Memela.

Ikuqinisek­isile nokuthi ibishaya iziphuzo ezibandayo noMnu Shange ngesikhath­i behlaselwa nguNkz Hadebe kodwa wakuphika okokuthi bekukhona abantu besifazane abebehleli nabo.

“Ngiyasola ukuthi kukhona omkhohlisi­le wamtshela ukuthi sihleli namantomba­zane ngoba ezwa umsindo sixoxa,” kusho inkosi.

IMeya yaseDr Nkosazana Dlamini Zuma, uNkz Ngeneleni Mncwane, ithi bezwile ngalesi sigameko. Iyigxeke kakhulu into eyenziwe nguNkz Hadebe yathi bewumasipa­la kabahambis­ani nayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe likhona icala elivuliwe kodwa bekungakab­oshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa