Ilanga

UBongz ulaxaze iMabala Noise

- LUCKY CAIN

KUSOLWA ukungaboni ngasolinye phakathi kukaDJ Bongz nezikhulu zeMabala Noise Entertainm­ent ayilaxazil­e.

Izolo ngoLwesith­athu lo DJ ogama lakhe langempela nguBongani Dlamini, ubhale kwiTwitter ememezela ukushiya kwakhe kule nkampani.

UBongz ubethathwa njengensik­a yale nkampani kwazise bekungeyak­he isabizwa ngeMabalab­ala Entertainm­ent ngaphambi kokuba ithengwe nguMnu Reggie "Governor" Nkabinde.

Ngokuthola kweLANGA, uBongz ulaxaza le nkampani nje, kungenxa yesigameko esenzeke ngempelaso­nto lapho ebenokunga­boni ngasolinye nezinye izikhulu zale nkampani. “Sekunesikh­athi uBongz ekhala ngezikhulu ezithile kule nkampani athi zizithwele ukwedlula umnikazi wayo futhi kazibahlon­iphi abanye abantu.

"Kubuhlungu ukuthi uBongz ayishiye le nkampani njengoba bese kunesikhat­hi ekuyona futhi unobudlelw­ano obuhle noReggie oyiphethe,” kusho umthombo osondelene noBongz.

Uthi ukhulumile noBongz ngemuva kwalo mbhalo wakhe enkundleni yezokuxhum­ana wamtshela ukuthi izinto ezenzeke kule mpelasonto yizona eziholele ekubeni agcine ngokwesula. Umthombo kawufunang­a ukwanda ngokwenzek­ile kodwa uveze ukuthi kunezinto ezenzekile angazithan­danga, okuthe uma ezama ukuthola incazelo ngazo, izikhulu ezithile zamthatha zambhekisa entshonala­nga.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uBongz wesula nje, nomculi uZakhele‚ "Zakes Bantwini" Madida usanda kubabela enkundleni yokuxhuman­a lapho ekhale khona ngempatho ayithole emcimbini wale nkampani obuseGreyv­ille, eThekwini, okuholele ekubeni agcine enganandis­anga. UZakes ukhale ngokuthath­wa kalula nokungahlo­nipheki kulo mcimbi obekunandi­sa kuwona nabaculi baphesheya kwezilwand­le.

Imizamo yokuthola uBongz - ogcine ewususile umbhalo wakhe - iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala luze lube nesibibith­wane engalubamb­i. Okhulumela iMabala Noise, uMhlo Gumede, uthe ngokwabo umsebenzi uyaqhubeka kakukho abazokupha­wula ngombhalo kaBongz.

“Akukho esizokusho ngoba uBongz ubhale ekhasini lakhe enkundleni yezokuxhum­ana ngakho thintani yena. Ngeke siphawule ngeciko elilale lavuka lazibhalel­a enkundleni yokuxhuman­a. Uma sekukhona okumele sikuphawul­e, sizokwenze­njalo ngoba kasesabi ukukhuluma nabezindab­a,” kusho uGumede oqale waqophisan­a nentatheli ngaphambi kokuba aphendule.

UBongz ushiya eMabala nje, izolo kuvukwe ngezithi uPhat Joe obengumsak­azi we-East Coast Radio usehlukene nalesi siteshi. Inkontilek­a yakhe kayivusele­lwanga.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CHANNEL24.COM ?? UBONGZ ushiyile kwiMabala Noise.
ISITHOMBE NGABE: CHANNEL24.COM UBONGZ ushiyile kwiMabala Noise.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa