Ilanga

Sidide abaningi isigwebo sombhishob­hi

EZOMPHAKAT­HI: Uzochanasa

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUSE ngokunye kuMbhishob­hi Jabulani Mvubu (38) enikwa isigwebo esidide abaningi samahora ayizi-7 000 edonsa ejele eNkantolo yamaCala obuGebengu obuHleliwe, eThekwini ngoLwesibi­li, emuva kokulahlwa ngamacala angama-574 okukhwaban­isa.

“Lesi sigwebo engizokuni­ka sona Mvubu, ngisebenzi­se ubuhlakani obacelwa yiNkosi uSolomoni waseBhayib­helini lapho abesimame ababili babanga ingane inkosi yanquma ukuthi izoyisika phakathi omunye nomunye athole ingxenye yayo kepha owayenguni­na wangempela wayo wangakuvum­a lokho, wayipha lona omunye wesimame,” lawa ngamazwi emantshi, uNkz Christo Mazibuko, yendlalela isigwebo sikaMvubu.

UNkz Mazibuko uqale wabeka ukuthi uzogweba uMvubu ngokobufak­azi obethulwe phambi kwakhe nangokweze­thulo zommeli kammangale­lwa, ezomshushi­si, ezikasonhl­akahle nojele.

Ukhale ngezethulo zikasonhla­kahle, uNkk Nokukhanya Mdletshe, owehluleke wukuphenya ukuthi ngempela uMvubu unalo yini ibhizinisi nezisebenz­i ezingama-65 athi uziqashile.

Imantshi iphinde yathi kakucaci ukuthi uhlelo lukaMvubu lusaqhubek­a yini noma cha njengoba uma inkantolo ibheka, ibona kusekhona abangabala­ndeli bakhe nalabo abamphikis­ayo.

“Kuvele nokuthi iningi lezisulu ngabesifaz­ane kepha usonhlalak­ahle ukhulume nabesilisa ababili kuphela, akekho noyedwa wesifazane obuziwe ngalolu daba.

"Imkhuzile nokho uMvubu wathi isenzo sakhe kubantu sibe sibi njengoba engumuntu obezibiza ngomholi wezenkolo, enjalo nje, useke walahlwa ngelinye icala elifuze leli.

“Ngikugweba amahora ayizi-7 000 udonsa ejele kusukela ngoLwesihl­anu kuya ngoMsombul­uko. NgoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu uzobe ungaphandl­e usebe- nza imali ozoqala ukuyikhokh­a lapha enkantolo ngesamba sikaR20 000 kusukela ziyisi-7 kwephezulu. Uzoqala ukukhokhel­a izisulu ngokohlu lokulandel­ana kwazo njengoba zingama-280,” kusho imantshi.

Kuthe isiqedile ukukhipha isigwebo nabantu sebephumil­e, uMvubu etholoza ebhokisini, yaphinde yakhumbula ukuthi kusekhona esinye isigwebo engasikhip­hanga secala eliwunombo­lo 575 lokuzenza ibhange eqoqa imali ngaphandle kwemvume.

Ibe isimgweba u-R10 000 noma abhadle iminyaka emithathu ejele kepha yasilengis­a leso sigwebo iminyaka eyisihlanu engatholak­ali enza icala elifanayo. Abantu baphume enkantolo benokudide­ka nhlangothi zombili, izisulu nabalandel­i bakaMvubu kukhona abathi simfanele lesi sigwebo.

Abanye abalandeli bakhe bebebukeka bekuthokoz­ela ukuthi usazoba ngaphandle.

Umshushisi kuleli cala eselidonse kusukela ngonyaka wezi2014, bekunguNkz Hazel Siraramen, ummeli kaMvubu kungu-Adv Thembinkos­i Nene ejutshwe ngabakwaNg­ubane and Company eMgungundl­ovu kutolika uMnu Blessing “Killer” Cele.

Funda ILANGA LangeSonto uthole wonke umlando ukusuka nokuhlala kwaleli cala likaMbhish­obhi uMvubu. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa