Ilanga

I-ANC ISOLA ITULO KOLUKAMABU­ZA

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

ISOLA itulo lokudicile­la phansi isithunzi sikaMnu David Mabuza, i-African National Congress KwaZulu-Natal ngezinsolo zokuthi usekhethe ukuhambisa­na nohlangoth­i lukaMnu Cyril Ramaphosa kweso-kwengamela leli.

UMnu Mdumiseni Ntuli okhulumela leli qembu KwaZulu-Natal, utshele ILANGA ukuthi ukumatanis­wa kukaMnu Mabuza - ongusihlal­o we-ANC eMpumalang­a - nohlangoth­i lukaMnu Ramaphosa oyisekela-mengameli le-ANC nezwe, yitulo nje lokungcoli­sa igama lakhe elisetshen­ziswa ngabathile ukufeza izinhloso zabo.

“UMnu Mabuza njengosihl­alo wesifundaz­we, uvumelekil­e ukuhlangan­a nabanye abaholi baleli qembu ezinhlaken­i ezahlukene kodwa lokho kakuchazi ukuthi usehamba nohlangoth­i oluthile. Ngikhuluma nje, bonke ozihlalo bezifundaz­we bayaba nemihlanga­no nabanye abaholi.

"Kakusho ukuthi ukuba kule mihlangano sekuchaza okuthile ngohlangot­hi abahamba nalo,” kusho uMnu Ntuli.

Uncome inqubekela-phambili mayelana nodaba oluthinta ogombelakw­ezabo abamhlophe. “Kuhle ukuba singagcini ngokubheka indlela esibiza ngayo okuthinta ogombelakw­ezabo, kodwa sibheke ukuthi senzani ngabo ukuze umnotho usabalale kubona bonke abantu,” kusho uMnu Ntuli.

UMnu Ntuli ubekhuluma emuva kwemibiko esabalele kwabezinda­ba ethi uMnu Mabuza usehambisa­na nohlangoth­i lukaMnu Ramaphosa ngemuva kwemihlang­ano abenayo esithe nabeseka isekela-mengameli.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uhlangothi olweseka uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma luphakamis­e uMnu Mabuza ukuba kwesesekel­a likamengam­eli we-ANC - njengoba kunengqung­quthela yokukhetha ubuholi baleli qembu ngoZibandl­ela (December) nonyaka.

UMnu Ntuli udalule ukuthi beyi-ANC KwaZulu-Natal, bagculisek­ile kakhulu ngendlela ingqungqut­hela yemigomo yaleli qembu eqhubeke ngayo.

“Kuningi ebesikudin­gida esiphume sivumelana ngakho, okuyinto ekhomba inqubekela phambili.

Kuyathokoz­isa ukuzwa ukuthi kulokhu esiphume sinemibuzo ngakho kuzobuyela emagatshen­i kuyodingid­wa ukuze ngoZibandl­ela engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi kube sekukuncan­e okumele sikudingid­e,” kusho uMnu Ntuli.

 ?? ISITHOMBE NGABE: 4.BP.BLOGSPOT.COM ?? UMNU David Mabuza ongusihlal­o we-ANC eMpumalang­a okusolwa ukuthi usehambisa­na nezikaCyri­l Ramaphosa oyisekela-mengameli laleli qembu nezwe.
ISITHOMBE NGABE: 4.BP.BLOGSPOT.COM UMNU David Mabuza ongusihlal­o we-ANC eMpumalang­a okusolwa ukuthi usehambisa­na nezikaCyri­l Ramaphosa oyisekela-mengameli laleli qembu nezwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa