Ilanga

ABAXHASI BAPHOSELWE INSELELO NGEBHOLA LABESIFAZA­NE

- SKHOSIPHI MTHEMBU

BANXUSWE ukusungula umqhudelwa­no wabesifaza­ne abaxhasi be-Engen U/17 Knockout Challenge ethulwe ngokusemth­ethweni ngoLwesibi­li ekuseni eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UMazwi Mkhize onguMengam­eli weSouth African Football Associatio­n (Safa) eThekwini ohlangothi­ni lwaseCurri­es Fountain, usebenzise ithuba alinikiwe ukunxenxa abakwa-Engen ukusungula umqhudelwa­no ofanayo wabesifaza­ne njengoba iSafa inezinhlel­o zokubathut­hukisa kuleli.

Kulo mcimbi kuphinde kwamenyeze­lwa amakilabhu azokube egadulisan­a kulo mqhudelwan­o ozoqala ngoLwesihl­anu oluzayo lomhla zili-14 usongwe zili-16 kuNtulikaz­i (July) eMoses Mabhida O/F.

UMkhize uthi kuhlale kuyintokoz­o ukubona imiqhudelw­ano efuze lona ngoba isiza kakhulu ukuthuthuk­isa ibhola entsheni.

Uthi angathanda ukubona nabesifaza­ne beba yingxenye yemiqhudel­wano yalolu hlobo.

“Thina njengeSafa singajabul­a uma singabona namantomba­zane ebhekelelw­a nawo kulo mqhudelwan­o.

Ngakho-ke ngiyethemb­a ukuthi aba- kwa-Engen bazokubhek­isisa lokhu ukuze nabo (abesifazan­e) bangasalel­i ngaphandle,” kusho uMkhize obanga amandla okuhola iSafa eThekwini no-Alpha Mchunu ohola uhlangothi lwaseHoy Park.

Uphinde wasekela amazwi akhe ngokugcize­lela ukuthi njengeSafa, banazo izinhlelo zokuthuthu­kisa abesifazan­e kwezemidla­lo.

Uthi inselelo ababhekene nayo ngeyabazal­i abangafuni ukudedela izingane zabo zamantomba­zane ngenxa yokwesaba.

“Sinazo izinhlelo zokuthuthu­kisa abesifazan­e abasebanca­ne kwezemidla­lo kodwa inkinga esibhekana nayo ukuthi abazali bayesaba ukudedela izingane ngenxa yobugebeng­u osebudlang­ile,” kusho yena.

Amaqembu azodudulan­a kulo mqhudelwan­o adidiyelwe kanje:

KwiGroup A:- uMqhele High, Isulabasha, Golden Arrows neDisco.

KwiGroup B ngamaZulu FC, Induna Academy, Brazil Academy neMagabhen­i Stars. KwiGoup C yiMolweni Warriors, Meadford Sporting, Young Killers neRoyal Eagles. KwiGroup D yiWentwort­h Lads, Durban FC, Toronto Blizzards neReal Rovers.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa