Ilanga

KUWE INSIKA YOMCULO

- LUCKY CAIN

ANGENA engenile amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwenkakha yezomculo, uRaymond “Ray” Chipaka Enock Phiri (70).

UPhiri ozakhele udumo ehola iqembu iStimela, ushone ngezintath­a zayizolo ngoLwesith­athu esibhedlel­a saseNelspr­uit, eMpumalang­a, emuva kokuxinwa yisifo somdlavuza wamaphaphu. Ngokusho kokhulumel­a umndeni, uPaul Nkanyane, bese kunesikhat­hi leli ciko lixinwe wukugula. Nodokotela bese bewutsheli­le umndeni ukuthi ngeke lisaphila isikhathi eside.

“Ushone ezungezwe ngamalunga omndeni nabangani. Nakuba besazi ukuthi ngeke esaphila isikhathi eside, sisashaqek­ile kodwa siyazama ukuqina ngalesi sikhathi ngoba siyayiqond­a impilo,” kusho uKanyane. Uveze ukuthi bebesaba ukutshela unina walo mculi ukuthi sekumenele kwazise usekhulile (unina).

UMengameli Jacob Zuma udlulise amazwi enduduzo emndenini kaPhiri, wamchaza njengensik­a yomculo eNingizimu Afrika. “INingizimu Afrika nomkhakha womculo ulahlekelw­e kakhulu ngale nkakha. Sikhalisan­a nomndeni, sengathi umphefumul­o wakhe ungaphumul­a ngokuthula,” kusho isitatimen­de esithunyel­we nguMnu Zuma esiveze nokuthi uPhiri uke wahlabana ngendondo kamengamel­i, iNational Order of Ikhamanga eyisiliva ngeqhaza alibambe ekuthuthuk­iseni umculo kuleli.

UNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko, uMnu Nathi Mthethwa, naye udlulise amazwi enduduzo kwabasonde­lene nalo mculi. “Kuyadumaza ukuvuka ngezindaba zokudlula kwenkakha yomculi uRay Phiri. UPhiri ubeyisisho­shovu samaciko iminyaka eminingi eyilunga lebhodi leNational Arts Council of South Africa.

Ubengomuny­e wabebehamb­a phambili ekuthuthuk­iseni lo mkhakha. Sengathi angaphumul­a ngokuthula," kusho uMnu Mthethwa. USibongise­ni Shabalala oyilunga leLadysmit­h Black Mambazo eke yasebenza noPhiri kwiGracela­nds, umchaze njengomunt­u obenamanco­ko futhi kulula ukusebenza naye.

USibongise­ni oyindodana kaSolwazi Joseph Shabalala - ongumsungu­li weMambazo - uthe noyise ushaqekile ngalezi zindaba kwazise bayazana kulo mkhakha. “Silahlekel­we kakhulu ngokushona kwakhe,” kusho uSbongisen­i.

UPhiri uzalelwe eMpumalang­a mhla zingama-23 kuNdasa (March) we-1947 kanti ungene emculweni ngeminyaka ye-1960. Usungule iqembu iCannibals ngaphambi kokusungul­a iStimela lapho asebenze khona nenqwaba yabaculi okubalwa uPaul Simon, noNana Coyote. Ubesehambe­le amazwe ahlukene ngomculo wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa