Uyakhala okhishwe endlini ngumfana
Ubemqubisile engenayo indawo yokufihla ikhanda
USE N G UDINGA S ITHEBE N I owesilisa osekhulile oshaywe waze waxoshwa emzini wakhe ngumfana olinganiselwa eminyakeni engama-25, abemgobise amadlangala.
Usenkingeni uMnu Cija Wandla (57) wakwaB eMlazi, eningizimu yeTheku obhaxabulwe ngumfana okuthiwa ubecelelwe ukuba afihliswe ikhanda (emzini walona wesilisa), ngobeyikhansela phambilini kwazise ubexoshwe ngabazali bakhe ngenxa yokungaboni ngasolinye.
Kuthiwa uNkz Thandi Langa obeyikhansela kuwadi 81 khona eMlazi - ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwamhla zintathu kuNcwaba (August) nyakenye - ukhulume noMnu Wandla ukuba ahlalise lo mfana kwazise yena uhlala yedwa. ILANGA lithole ukuthi uMnu Wandla ubesehlukumezeke isikhathi eside ethathelwa imali yakhe, elubika lolu daba kuNkz Langa kodwa angamsizi. Utshele leli phephandaba ukuthi njengamanje ubhacile, akasakwazi ukubuyela emzini wakhe ngoba wesaba lo mfana.
“Bengifika ebusuku ngehora le-10 ngoMsombuluko ngamfica elele lo mfana, wavuka embhedeni wangithela induku. Wenza lokhu nje, wukuthi besike saxabana emini sibanga ukuthi usebenzisa izimpahla zami zokugqoka, uma ngimkhuza angithembise ukungishaya.
"Ngikhuluma nje, nendlu yami yomxhaso obekumele ngiyithole inikezwe abanye abantu ngaphansi kwegama lami,” kusho uMnu Wandla. Kuthiwa uMnu Wandla uhlala yedwa ngoba sewehlukanisa nomkakhe. Leli phephandaba lixhumanile noNkz Langa wakuqinisekisa ukuthi nguyena ocelele lo mfana ukuba acushiswe.
Uthi lokho ubekwenza ngoba ebona isimo sakhe umfana ehla enyuka engenayo indawo yokuhla- la. “Umfana uxoshwe kubo exabene nabazali bakhe wabaleka weza kimina njengomsizi wabantu, ezocela usizo. Ngimthathile saya kubazali bakhe ngiyomcelela uxolo kodwa bashaya phansi ngonyawo, bathi kabasamdingi.
"Kucacile ukuthi sekuyingane yami kakukho engizokwenza. Ngikhulume nomkhulu (uMnu Wandla) ngathi ngoba yena uhlala yedwa, ngicela ahlale naye lo mfana kwazise bekuyingane esiyaziyo futhi engakhombisi ubuhlongandlebe. Uqale ukuziveza ubunjalo bakhe nyakenye ngoba ubesefika umkhulu ezongibikela ukuthi kabasahlalisene kahle.
"Bekuthi uma ngimbuza umfana aphike ame ngentaba. Ngizamile ukuxhumana namaphoyisa nyakenye ngicela ukuba asikhiphele yena endlini kamkhulu kodwa kawavumanga, athe masikhulume nabazali bakhe okuyinto ebingelula kwazise bese bemchithele kimina ngesikhathi bemxosha,” kusho uNkz Langa.