Ilanga

Uyakhala okhishwe endlini ngumfana

Ubemqubisi­le engenayo indawo yokufihla ikhanda

- MTHOBISI SITHOLE

USE N G UDINGA S ITHEBE N I owesilisa osekhulile oshaywe waze waxoshwa emzini wakhe ngumfana olinganise­lwa eminyakeni engama-25, abemgobise amadlangal­a.

Usenkingen­i uMnu Cija Wandla (57) wakwaB eMlazi, eningizimu yeTheku obhaxabulw­e ngumfana okuthiwa ubecelelwe ukuba afihliswe ikhanda (emzini walona wesilisa), ngobeyikha­nsela phambilini kwazise ubexoshwe ngabazali bakhe ngenxa yokungabon­i ngasolinye.

Kuthiwa uNkz Thandi Langa obeyikhans­ela kuwadi 81 khona eMlazi - ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwamhla zintathu kuNcwaba (August) nyakenye - ukhulume noMnu Wandla ukuba ahlalise lo mfana kwazise yena uhlala yedwa. ILANGA lithole ukuthi uMnu Wandla ubesehluku­mezeke isikhathi eside ethathelwa imali yakhe, elubika lolu daba kuNkz Langa kodwa angamsizi. Utshele leli phephandab­a ukuthi njengamanj­e ubhacile, akasakwazi ukubuyela emzini wakhe ngoba wesaba lo mfana.

“Bengifika ebusuku ngehora le-10 ngoMsombul­uko ngamfica elele lo mfana, wavuka embhedeni wangithela induku. Wenza lokhu nje, wukuthi besike saxabana emini sibanga ukuthi usebenzisa izimpahla zami zokugqoka, uma ngimkhuza angithembi­se ukungishay­a.

"Ngikhuluma nje, nendlu yami yomxhaso obekumele ngiyithole inikezwe abanye abantu ngaphansi kwegama lami,” kusho uMnu Wandla. Kuthiwa uMnu Wandla uhlala yedwa ngoba sewehlukan­isa nomkakhe. Leli phephandab­a lixhumanil­e noNkz Langa wakuqinise­kisa ukuthi nguyena ocelele lo mfana ukuba acushiswe.

Uthi lokho ubekwenza ngoba ebona isimo sakhe umfana ehla enyuka engenayo indawo yokuhla- la. “Umfana uxoshwe kubo exabene nabazali bakhe wabaleka weza kimina njengomsiz­i wabantu, ezocela usizo. Ngimthathi­le saya kubazali bakhe ngiyomcele­la uxolo kodwa bashaya phansi ngonyawo, bathi kabasamdin­gi.

"Kucacile ukuthi sekuyingan­e yami kakukho engizokwen­za. Ngikhulume nomkhulu (uMnu Wandla) ngathi ngoba yena uhlala yedwa, ngicela ahlale naye lo mfana kwazise bekuyingan­e esiyaziyo futhi engakhombi­si ubuhlongan­dlebe. Uqale ukuziveza ubunjalo bakhe nyakenye ngoba ubesefika umkhulu ezongibike­la ukuthi kabasahlal­isene kahle.

"Bekuthi uma ngimbuza umfana aphike ame ngentaba. Ngizamile ukuxhumana namaphoyis­a nyakenye ngicela ukuba asikhiphel­e yena endlini kamkhulu kodwa kawavumang­a, athe masikhulum­e nabazali bakhe okuyinto ebingelula kwazise bese bemchithel­e kimina ngesikhath­i bemxosha,” kusho uNkz Langa.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kunecala lokushaya eliphenywa ngamaphoyi­sa aseMlazi, okwamanje akukaboshw­a muntu.
mthobisis@ilanganews.co.za UMNU Cija Wandla oshaywe waxoshwa nasemzini wakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kunecala lokushaya eliphenywa ngamaphoyi­sa aseMlazi, okwamanje akukaboshw­a muntu. mthobisis@ilanganews.co.za UMNU Cija Wandla oshaywe waxoshwa nasemzini wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa