BAHLELI LUBHOJOZI YIZIMPISI ZIDLA IMFUYO
UHLAFUNA ujeqeza kuhle kwenyamazane umphakathi waseMpungamlilo, eMhlekazi, eMkhuze, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluNatal ngenxa yezilwane ezibangenela emakhaya zibhuqabhuqe imfuyo.
Lo mphakathi ukhathazwa yizingwe, izimpisi nezintibane okuthiwa zingena ezibayeni zibulale izimbuzi namankonyane ezinkomo. Kubikwa ukuthi izimpisi ziyathwayizela nje nasemini phakathi kwemizi. Kunezinsolo zokuthi lezi zilwane ziphuma eMkhuze Game Reserve, okubikwa ukuthi yisona siqiwu esihamba phambili ngesibalo sezimpisi.
Ngokusho kwabaholi bomphakathi, kayikho imizamo engenziwanga ukunqanda lesi simo kodwa lutho ikhambi. Kwesinye isigameko esenzeke ngoMsombuluko, izimpisi zingene emizini eyahlukene zabulala izimbuzi eziyisi-8 ngosuku olulodwa. ILANGA libikelwe ngalesi sigameko ngamalunga omphakathi abebonakala ukuthi anovalo ngokuphepha kwawo, imfuyo nezingane uma ziya ezikoleni.
Ngokusho kukaMnu Sipho Fakude oyilunga lomphakathi, isinzima kakhulu impilo kuleya ndawo ngenxa yokwanda kwezigameko ezihambisana nalezi zilwane. Uthi okubadina kakhulu ngabaphathi besiqiwi abangafuni ukulusukumela udaba kwazise umphakathi ukholwa wukuthi ziphuma kusona.
“Inzima impilo lapha eMpungamlilo. Baningi abafowethu abangasekho ngenxa yokuhlaselwa yizingwe. Abanye basala bemidwayidwa ngenxa yokulinyazwa yilezi zilwane. Okubuhlungu wukuthi uhulumeni uyashesha ukuphakamisa amehlo uma kubulewe isilwane esisodwa kodwa kumanje kuphela imfuyo yethu nabafowethu, kuthulekile.
"Kasikho nesisodwa isigameko esenzekayo singasibikeli isiqiwu. Abaphathi baso basitshela kwezikabhoqo ukuthi kakukho abazosisiza ngakho ngoba nabo seziyabehlula. Ziningi kakhulu futhi bona bakha isiqiwu zivele zikhona lezi zilwane. Zidla kwasani okuphambi kwamehlo azo. Izimbongolo ziziphazamisa zikhungiwe zizehlule, imbuzi ziyihlaba ngezinyo uma kuke kwathinteka ingaphakathi layo zidlulela kwenye.
"Kumanje sinesifiso sokuba uNgqongqoshe wezeMvelo ezokuVakasha nezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, angenelele kulolu daba ngoba laba esinabo lapha eMkhanyakude basitshela ukuthi masingazibulali lezi zilwane. Uma kwenzekile safa leso silwane, abomnyango baqhamuka sebezothatha isikhumba nenhloko yengwe, bakutshele ukuthi qhubeka nenyama udle uma ungafuni ukuboshwa,” kusho uMnu Fakude oyisishabasheki somphakathi.
UMnu Lindelani Mngomezulu ungomunye wabasanda kusinda kulezi zilwane. Ngasekuqaleni konyaka uphunyule emlonyeni wengwe okuthe ezihambela bude buduze nemizi, wazithela phezu kwayo kanti bese kunesikhathi eside imbonile. Uthi ivuke ingasadle nkobe zamuntu yabhoka ngolaka, yagxuma yamthela phansi.
Usizwe wukuba azenze umuntu ofile yamdedela. “Kumanje ngiphila kabuhlungu, kangibhekeki kahle ngenxa yokulinyazwa yingwe iphuma esiqiwini. Umbuzo esinawo ngothi kungani kuthiwa sizoboshwa uma sibulala izilwane kodwa zona kaziboshwa uma zibulala.
"Nezikhulu zalesi siqiwu zikhuluma ezikuthandayo uma siyobika ngezinkinga esinazo,” kusho uMnu Mngomezulu. ILANGA lixhumane nomunye wabaphathi balesi siqiwu, uMnu Lawrence Nene, othe angakwemukela ukuthatha udaba kodwa kakukho azokwenza ngalo ngoba kasikho isikhathi asikhumbulayo lapho abaphathi bake bahlangana nomphakathi kudingidwa udaba lwezilwane eziphuma kulesi siqiwu maqede ziyophazamisa futhi zidle imfuyo yomphakathi.
Lukhale lwaze lwaphathwa yisibibithwane ucingo lukaMnu Bheko Madlala okhulumela ezeMvelo, ezokuVakasha nezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.