Ilanga

BAHLELI LUBHOJOZI YIZIMPISI ZIDLA IMFUYO

- PHUMLANI GAMA

UHLAFUNA ujeqeza kuhle kwenyamaza­ne umphakathi waseMpunga­mlilo, eMhlekazi, eMkhuze, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluN­atal ngenxa yezilwane ezibangene­la emakhaya zibhuqabhu­qe imfuyo.

Lo mphakathi ukhathazwa yizingwe, izimpisi nezintiban­e okuthiwa zingena ezibayeni zibulale izimbuzi namankonya­ne ezinkomo. Kubikwa ukuthi izimpisi ziyathwayi­zela nje nasemini phakathi kwemizi. Kunezinsol­o zokuthi lezi zilwane ziphuma eMkhuze Game Reserve, okubikwa ukuthi yisona siqiwu esihamba phambili ngesibalo sezimpisi.

Ngokusho kwabaholi bomphakath­i, kayikho imizamo engenziwan­ga ukunqanda lesi simo kodwa lutho ikhambi. Kwesinye isigameko esenzeke ngoMsombul­uko, izimpisi zingene emizini eyahlukene zabulala izimbuzi eziyisi-8 ngosuku olulodwa. ILANGA libikelwe ngalesi sigameko ngamalunga omphakathi abebonakal­a ukuthi anovalo ngokupheph­a kwawo, imfuyo nezingane uma ziya ezikoleni.

Ngokusho kukaMnu Sipho Fakude oyilunga lomphakath­i, isinzima kakhulu impilo kuleya ndawo ngenxa yokwanda kwezigamek­o ezihambisa­na nalezi zilwane. Uthi okubadina kakhulu ngabaphath­i besiqiwi abangafuni ukulusukum­ela udaba kwazise umphakathi ukholwa wukuthi ziphuma kusona.

“Inzima impilo lapha eMpungamli­lo. Baningi abafowethu abangasekh­o ngenxa yokuhlasel­wa yizingwe. Abanye basala bemidwayid­wa ngenxa yokulinyaz­wa yilezi zilwane. Okubuhlung­u wukuthi uhulumeni uyashesha ukuphakami­sa amehlo uma kubulewe isilwane esisodwa kodwa kumanje kuphela imfuyo yethu nabafoweth­u, kuthulekil­e.

"Kasikho nesisodwa isigameko esenzekayo singasibik­eli isiqiwu. Abaphathi baso basitshela kwezikabho­qo ukuthi kakukho abazosisiz­a ngakho ngoba nabo seziyabehl­ula. Ziningi kakhulu futhi bona bakha isiqiwu zivele zikhona lezi zilwane. Zidla kwasani okuphambi kwamehlo azo. Izimbongol­o ziziphazam­isa zikhungiwe zizehlule, imbuzi ziyihlaba ngezinyo uma kuke kwathintek­a ingaphakat­hi layo zidlulela kwenye.

"Kumanje sinesifiso sokuba uNgqongqos­he wezeMvelo ezokuVakas­ha nezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, angenelele kulolu daba ngoba laba esinabo lapha eMkhanyaku­de basitshela ukuthi masingazib­ulali lezi zilwane. Uma kwenzekile safa leso silwane, abomnyango baqhamuka sebezothat­ha isikhumba nenhloko yengwe, bakutshele ukuthi qhubeka nenyama udle uma ungafuni ukuboshwa,” kusho uMnu Fakude oyisishaba­sheki somphakath­i.

UMnu Lindelani Mngomezulu ungomunye wabasanda kusinda kulezi zilwane. Ngasekuqal­eni konyaka uphunyule emlonyeni wengwe okuthe ezihambela bude buduze nemizi, wazithela phezu kwayo kanti bese kunesikhat­hi eside imbonile. Uthi ivuke ingasadle nkobe zamuntu yabhoka ngolaka, yagxuma yamthela phansi.

Usizwe wukuba azenze umuntu ofile yamdedela. “Kumanje ngiphila kabuhlungu, kangibheke­ki kahle ngenxa yokulinyaz­wa yingwe iphuma esiqiwini. Umbuzo esinawo ngothi kungani kuthiwa sizoboshwa uma sibulala izilwane kodwa zona kaziboshwa uma zibulala.

"Nezikhulu zalesi siqiwu zikhuluma ezikuthand­ayo uma siyobika ngezinking­a esinazo,” kusho uMnu Mngomezulu. ILANGA lixhumane nomunye wabaphathi balesi siqiwu, uMnu Lawrence Nene, othe angakwemuk­ela ukuthatha udaba kodwa kakukho azokwenza ngalo ngoba kasikho isikhathi asikhumbul­ayo lapho abaphathi bake bahlangana nomphakath­i kudingidwa udaba lwezilwane eziphuma kulesi siqiwu maqede ziyophazam­isa futhi zidle imfuyo yomphakath­i.

Lukhale lwaze lwaphathwa yisibibith­wane ucingo lukaMnu Bheko Madlala okhulumela ezeMvelo, ezokuVakas­ha nezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa