Libanjwe ngobhongwana ibandla
SIYETHULE kwabezindaba incwadi evulekile ebiyibhalele iCommission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious and Linguistic Communities (CRL) inhlangano emele inkolo yobuKristu, iFreedom of Religion South Africa (For SA).
NgoLwesibili eBraamfontein, eGoli, iCRL yethule umbiko wayo mayelana nohlelo lokulawulwa kwezinkolo. Lo mbiko uzodluliselwa ePhalamende ukuba ucutshungulwe yikomiti loMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu ngenhloso yokuba kushaywe umthetho ozolawula inkambiso yezinkolo zonke.
Lokhu kumbandakanye nokukhishwa kwezimvume zokwenza umsebenzi weNkosi. Le ncwadi eyethulwe ngesandla somQondisi oMkhulu weFor SA, uMnu Michael Swain, le nhlangano ibiyibhale kudala ngesikhathi unezikhalo ngalo mbiko usankankanywa.
Ngaphandle kwezinto eziyisi-7 ezibalwa yi-FOR SA, kulokho kuphawula kubuye kwabekwa amaphuzu amathathu ayiziphakamiso zayo nokho okubonakala engayitholanga indawo ezinhliziyweni zekhomishini.
Ngezansi ngamaphuzu okukhalwa ngawo ngokungathi uhulumeni uhlose ukubamba ngobhongwane ezenkolo. La maphuzu i-FOR SA iwendlalela ngokuthi: “Siyakholwa ngukuthi kumqoka ukuba abezindaba babe nolwazi ngezinto eziningi ezikhathaza iningi lomphakathi waseNingizimu Afrika. Ikakhulukazi ongamakholwa nobona zingeke zisebenze iziphakamiso zekhomishini - zokuba kube nohlelo olubanzi lukazwelonke lokukhipha amalayisense kulawulwe bonke abantu abenza umsebenzi wezenkolo.
"Kanjalo nendawo yokukhonzela - zingawulandeli umthethosisekelo wezwe. Iziphakamiso zayo empeleni ziyafana nokubanjwa ngobhongwane kwezenkolo wuhulumeni." Le ncwadi evulekile iqhubeka ithi nakuba kunokwesekwa kabanzi kwekhomishini ngalokho okuyikhathazayo, njengokuphuzisa abantu uphethiloli, kodwa izishaye indiva izethulo ebezichaza kabanzi amanye amasu okubhekana nazo lezo zinto eziba- layo. Nazi ezinye zeziphakamiso zekhomishini ezidala ukukhathazeka kwiFOR SA:
Umgudu wokwenza izinto olandelwe yikhomishini unamaphutha futhi wephula umthethosisekelo. Ucwaningo lwekhomishini lunamaphutha kangangokuba ezomthetho zingaluphonsela inselelo.
Iziphakamiso zithathelwe ocwaningweni okukhulunywe kulona nabaholi abangama-85 kuphela ezweni lonke, okuyisibalo esincane uma kubhekwa ukusabalala nobubanzi bezincomo zayo. Isampula labo alinakumela uquqaba lomphakathi okholwayo eNingizimu Afrika oluzothinteka yilezi ziphakamiso.
Ikhomishini iyisakhiwo sikahulumeni, ngakho-ke iziphakamiso zayo ziwukulawulwa kwenkolo wuhulumeni. Ichazwa wumthethosisekelo njengesakhiwo ngakho amalunga ayo aqokwa ngumengameli. Igunya layo wukugqugquzela nokuvikela amalungelo omphakathi ezenkolo.
Ngakho kakukaze kube nenhloso yokukhipha izimvume ngayo noma ukuwalawula. Iziphakamiso zekhomishini zibuyisela emuva ubudlelwano obunomlando omude phakathi kukahulumeni nesigaba sezenkolo. Lokhu kuwukweqa ngokusobala amalungelo ekhomishini njengesakhiwo sesahluko sesi-9 somthethosisekelo.
Ikhomishini kayikaze inikezwe wumthethosisekelo amandla okwengamela futhi imizamo yayo yokwenza lokho ngokuchibiyela umthetho wayo iyadukisa, kayikho kumthethosisekelo futhi iyafana nokubanjwa ngobhongwana kwenkolo uhulumeni.
I-Peer Review Committee iyokweluleka ikhomishini ngokukhishwa kwelayisense. Lokhu kakusikhona ukuzilawula ngoba lelo komiti lichazwa njengesakhiwo sokweluleka ikhomishini. Ikhomishini iyomelwa kule Peer Review Committee futhi ucwaningo, wukwesekwa kwezomthetho nokugcina imibhalo nokunye kusingathwe yiyona (ikhomishini).
Ngakho-ke ikomiti lelo lincike kuyona ikhomishini futhi liyeluleka kuzona zonke izinqumo ezithathayo maqondana nezikhalo. Umbiko ukubeka kucace ukuthi isinqumo esiwujuqu kuyokuba ngesekhomishini, okuveza ngokusobala ukuthi ukulawulwa kwezenkolo kusemandleni ekhomishini.
Izinhlangano ezengamele ziyolinganiswa ngokubheka ukuthi imfundiso nalokho ezikwenzayo kwamukelekile yini, okusho ukumelana nelungelo lenkululeko yezenkolo. Umsebenzi osemqoka wePeer Review Committee wukusungula, unikeze izimvume izinhlangano ezengamele, zona umsebenzi wazo ongukweseka, ngukwaluleka, ngukwengamela nokuphatha amabandla.
Ngokombiko wekhomishini, iPeer Review Committee uma inikeza inhlangano ecela imvume, kumele kubhekwe ukuthi umholi wayo uhlala esendleleni efanele yini yokomphefumulo. Lokhu kusho ukuthi nakanjani sekuyoba yikhomishini enqumayo ngokwamukeleka nokungamukeleki kwemfundiso yokholo, okuyinto ephambanayo nelungelo lomthethosisekelo lenkululeko yezenko- lo.
Isiphakamiso sekhomishini simelene nenkululeko yobudlelwano. Sigcizelela ukuthi bonke abaholi bezenkolo nezindawo zokukhonzela babe ngaphansi kwenhlangano eyengamele. Lobo budlelwano buyimpoqo, ngakho bumelene nenkululeko yobudlelwano njengoba leli lungelo likuvumela nokuba ungabi nabo ubudlelwano ngokuzikhethela.
Ikhomishini izozeseka ngemali lezi zinhlangano ngokukhokhelwa kwezimvume, nakanjani okuzoba yimali eyevile ku-R1 billion eyitholayo ngonyaka. Ngokomlando kahulumeni ogodolayo ukwenyusa isabelo sekhomishini, kakubonakali uyoyikhipha imali edingekayo ukuba le nhlangano ikwazi ukusebenza.
Lokho kusho ukuthi umphakathi okholwayo yiwona ogcina ungumthombo wemali yokukhokhela lesi sakhiwo esinezimpambosi eziningi ngalezi zimvume ezizofuneka kubaholi bezenkolo nezindawo zokuhlanga- nela. Imali ezo-ngena ilinganiselwa ku-R1 billion ngonyaka.
Ikhomishini izishaye indiva iziphakamiso ezenziwe yiningi lomphakathi ongamakholwa eNingizimu Afrika. Iyawuchitha umuthi inkonyane ngesiphakamiso sekhomishini sokuba zonke izinkolo kube nesidingo semvume kube kungekho khambi ngalezi zinkinga ezibaliwe embikweni wayo. Iqiniso lithi zikhona vele izindlela zokuxazulula lezi zinkinga ngaphandle kokuthikameza amalungelo enkolo nenkululeko yobudlelwano.
OKUPHAKANYISWA YI-FOR SA
Ikhomishini ingadlulisa izikhalo eminyangweni eqondene ukuze kusebenze imithetho eqondene. I-FOR SA namabandla amaningi bamile kwelokuthi ikhona imithetho yokubhekana nalo lonke uhlobo lokuxhaphaza abazalwane okubalwa yikhomishini.
Isibonelo: Umphrofethi weDoom wamiswa ngomthetho okhona, wavinjelwa ukufafaza abantu ngobuthi, kungenjalo uyongena ejele. Ngakho iFOR SA iphakamisa ukuba ikhomishini ibumbe isigejana esiqaphile, esizobikela uhulumeni uma sithola izikhalo.
Ikhomishini kumele ihole ekuqinisekiseni ukuthi abaholi bezenkolo namabandla abo bayawazi yini umthetho nobabophezela kukho. Izinto eziningi ekhala ngazo ikhomishini zimayelana nokwehluleka ukulandela imigomo. Iningi labaholi bezenkolo kaliluqondisisi uhlelo lokusebenza komthetho olukhona nokumele lilulandele.
Iqhaza lekhomishini ngukufundisa, ukwazisa nokukhuthaza amakholwa ngokuziphatha ngendlela eyamukelekile. Ikhomishini ingalekelela uma kuhlanganiswa umqulu wendlela yokuziphatha.
I-FOR SA yenze izincomo ngohlelo lokubonisana olubanzi ngenhloso yokuhlanganiswa komqulu wendlela yokuziphatha ezolawula ukuziphatha okulindeleke kubaholi nezinhlangano zezenkolo. Ikholwa wukuthi amakholwa angazilawula futhi enze izinguquko maqondana nezikhalo ezibalulwa yikhomishini.