KUNYOMFEKE IZINHLELO ZELE-PSL NGEBAFANA
IBAFANA Bafana inyomfe izinhlelo zeRichards Bay FC zokulungiselela ukuqala kwesizini yeNational First Division (NFD) engomakoti kuyona iqoka abadlali ababili bale kilabhu esikwatini esizomela iNingizimu Afrika kweyokuhlungela i-African Nations Championship (CHAN) ngoMgqibelo ekuhambeni.
IBafana izobhekana neBotswana emdlalweni womlenze wokuqala ozokuba ngoMgqibelo ngo-15h30 ekuhambeni eFrancistown Stadium.
Umlenze wesibili uzokuba ngoMgqibelo ozayo womhla zingama-22 kwephezulu ngo-15h00 eMoruleng Stadium, Rustenburg.
UStuart Baxter oqeqesha iBafana Bafana uqokele esikwatini esiya eBotswana uTercious Malepe noSandile Mthethwa beOrlando Pirates. Bobabili laba badlali babolekiswe yiBucs kwiRichards Bay FC.
Bobabili laba badlali bebeyingxenye yeBafana edlale iCosafa Castle Cup ngeledlule eNorth West. Abanye abebekwiCosafa nguLehlogonolo Masalesa esilobe abaqeqeshi besafuna ulwazi lokuthi bavumelekile yini ukumbophela njengoba engenakilabhu okwamanje, uJamie Webber, uMario Booysen, uCole Alexander, uBoalefa Pule, uRiyaad Norodien noMothobi Mvala.
ILANGA lithole ngoSifiso “Jomo” Biyela ongumnikazi weRichards Bay FC ukuthi kubaphazamise kakhulu ukubizelwa kwalaba badlali kwiBafana ezodlala kwiCHAN.
“Nakuba kukuhle ohlangothini lwabadlali ukugijima kwelesizwe ngoba bayakhula kodwa siyaphazamiseka njengoba siseyikilabhu entsha. Sibadinga bonke abadlali ukuzama ukubahlanganisa kahle ngaphambi kokuqala kwesizini njengoba iseyintsha, abaningi bengazani,” kusho uBiyela onethemba lokuthi uZola Jingxi noNjabulo Ngcobo abasuka kumaZulu FC bangase bangene emabhukwini ale kilabhu ngenxa yebhola elihle abalikhombisa ejimini.
Uthi omunye umdlali ojima nale kilabhu nguSphelele Mkhulise obekwiBlack Leopards ngesizini edlule.
Lo mdlali une-nkontileka neMamelodi Sundowns embolekisa emakilabhini ehlukene ukuze aqine ukhakhayi.
Sesisonke isikwati seBafana esizodlala neBotswana simi kanje, onozinti: Boalefa Pule (Supersport United), Steven Hoffman (Platinum Stars) noKhulekani Kubheka (Mamelodi Sundowns.
Izitobha: Siyabonga Nhlapo (Bidvest Wits), Malebogo Modise (Sundowns), Siphiwe Mnguni (Platinum), Junaid Sait (Stellenbosch FC), Sandile Mthethwa (Pirates), Mothobi Mvala (Highlands Park), Mario Booysen (SuperSport) noTercious Malepe (Pirates).
Abasesiswini: Cole Alexander (SuperSport), Lehlogonolo Masalesa (akanakilabhu), Riyaad Norodien (Pirates), Jamie Webber (Stellenbosch FC), Sphelele Ntshangase (Black Leopards), Dumisani Zuma (Bloemfontein Celtic), Ricardo Lourenco (Pirates), Teboho Mokoena (SuperSport) noSipho Mbule (Sundowns).
Abagadli: Bongani Ntuli (Sundowns), Ryan Moon (Chiefs) noGift Motupa (Baroka).