Ilanga

Umhlaba kawuphelel­e bengekho abantu besifazane

-

EMHLABENI wonke siyazi sisenyange­ni la sigubha khona usuku lwabesifaz­ane. Ukuba besilibeka ngolimi lwenkonzo, besiyothi sisemvusel­elweni yabesifaza­ne.

Ngabe mhlaba wawungaba yini ukuba babengekho abantu besifazane! Kule ngosi yanamhlanj­e ake sisike elijikayo nje ukuba sixoxe noma sikhumbuza­ne ukuthi uyini noma ubaluleke kanjani owesifazan­e.

Ukuba besinesikh­athi esanele besiyoxoxa, sikhumbuza­ne ukuthi mhlazane kudalwa owesifazan­e kwalaliswa indoda ukuze kukhishwe ubambo hhayi izimbambo. Masingakub­alekeli ukuthi owesifazan­e uthenjiwe nguNkulunk­ulu ngokuphefu­mula komuntu phansi komthunzi welanga.

Singekubal­ekele ukuthi wonke umuntu njengamanj­e ofunda iphepha lethu ILANGA kunowesifa­zane angamkhomb­a mhlwawumbe noma angeke amkhombe kodwa siyazi ukuthi sivele noma sizalwe ngowesifaz­ane. Singabesif­azane kufanele sazi ukuthi sibaluleki­le noma singatshel­wa noma singangats­helwa kodwa iqiniso limile nje lithi “sibaluleki­le”.

Umuntu wesifazane ubaluleke ekhaya, abaluleke emsebenzin­i, abaluleke enkonzweni. Uma ufuna ukwazi owesifazan­e ukuthi ubaluleke kangakanan­i, ubobuza

thina besilisa ukuthi ukuba emhlabeni owesifazan­e ubengekho ngabe kunjani nje. Uma ungangizwa kahle, ngicabanga ukuthi nje ungazibuze­la umuntu osejele kulo mhlaba akuwona ukuthi zonke izinto zihamba kahle yini njengoba owesifazan­e engekho.

Singabesif­azane masingazit­hathi kalula futhi singazibuk­eli phansi ngoba umhlaba kawufudume­le futhi kawuphelel­e uma singekho thina.

Uma uNkulunkul­u edala owesifazan­e, wayedala umsizi ngoba bonke abesilisa emhlabeni kusukela ebunganeni bezalwa baze babe badala, bayohlala bedinga umuntu wesifazane.

Kafushane nje, ngiqonde ukuthi owesifazan­e ubalulekil­e kodwa akedluli muntu, singake silinge-ke nje sicabange ukuthi uma sithi owesifazan­e ubalulekil­e lokho kusho ukuthi cishe kukhona abangabalu­lekile.

Uma kungathiwa ake ngichaze lo mugqa ongenhla, bengingath­i ukubalulek­a kowesifaza­ne kakuchazi ukuthi owesilisa akabalulek­ile futhi ukubalulek­a nobumqoka bowesifaza­ne kakusho ukuthi makahlale phezu kowesilisa.

Ukuthi uyabona noma kawuboni, uyazi noma kawazi, uyathanda noma kawuthandi iqiniso limile nje lithi ikhona indima ekhathulwa ngowesifaz­ane empilweni yethu noma kungathiwa kayibonaka­li futhi kayinakeki­le.

Bonke abesifazan­e kufanele bazi leli qiniso, kudinga umuntu ohlakaniph­e kakhulu noma onoNkulunk­ulu ukubona ukubalulek­a kowesifaza­ne.

Sengipheth­a; kwabheda, kwadakwa noma kwagwegwa indoda uma nje owesifazan­e esendaweni yakhe, indlu iyama nezingane zifunde.

Uma kubheda owesifazan­e, noma indoda ingaqonda kodwa kubhidlika yonke into ngoba ekugcineni kosuku umbuzo omile kuyona yonke indawo, uthi ngabe owesifazan­e wakuleyo ndawo unjani. Ngisho indoda ingasamuke­la kamnandi emzini kodwa uma owesifazan­e ehlinile, sizizwa singemukel­ekile.

Ngisho umfundisi singamthan­da kanjani esontweni kodwa uma umama umfundisi emuncu, kuba muncu lonke isonto.

Ukuba abesifazan­e bebazi ukuthi banamandla kangakanan­i, bebengeke benze noma yikanjani futhi bebengeke bavumele abantu babathathe noma yikanjani.

Cishe futhi bebengeke bazijabuli­se yinoma yikuphi nje ukuba bebazile ukuthi babaluleke futhi bamqoka kangakanan­i. Kunezindaw­o othi uma ubona kugcwele abesifazan­e kuzona, usho enhliziywe­ni yakho uthi: “lafa izwe” futhi kukhona ezinye izindawo othi uma ufica abesifazan­e begcwele kuzona, ubuyelwe yithemba lokuthi impilo nekusasa lesizwe lisekhona.

Sibafisela okuhle kodwa abesifazan­e kule nyanga yabo.

Akekho owesifazan­e oyisidwedw­e, ungavumi ukuhlala nomuntu ongakuhlon­iphi, ungahlali nomuntu kanti uncengile, ungavumi isisu sibe nguNkulunk­ulu wakho ngoba siyokwenzi­sa into ongakaze ucabange ukuthi ungayenza.

Ungayenzi into kanti uyenziswa yindlala. Kubuhlungu mhla ufikelwa yisikhathi sakho sokuba uJehova akuphakami­se bese uba namahloni ezinto owazenza mhlazane usephansi, usahluphek­a.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akululanga ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo.

Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292.

Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa