ICHIEFS INEZINHLELO EZIMQOKA KWAZULU- NATAL
IKAIZER Chiefs ibuyela eMthwalume ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal ukuyofezekisa isethembiso sokusiza abafundi abenza kahle kwezobuchwepheshe nokuqhubeka nokubahlomisa ngolwazi lokusebenzisa izinkundla zokuxhumana.
IChiefs izohambela eSihlonyaneni Hall kusasa ngoLwesihlanu ngo-11h00 ekuseni. Izokube ihambisana nabakwaVodacom okungabaxhasi bayo abakhulu, futhi okuyibona abasungule lolu hlelo.
Izotheleka nengxenye yabadlali abangeke babe yingxenye yomdlalo obhekwe ngabomvu weQuarter Final yeMTN8 phakathi kwale kilabhu neSuperSport United ozokuba ngoMgqibelo ngo-20h15 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IChiefs ike yavakashela eMthwalume kulo nyaka ngesikhathi ilethe omunye wemidlalo yayo yeligi eThekwini.
IziMpofana zizophinde ziyovula ngokusemthethweni isitolo sale kilabhu esiseMega City ngoMgqibelo ngo-11h00, eMlazi.
Kulesi sitolo kutholakala izimpahla zokugqoka zale kilabhu, imishwalense yabaxhasi ama-airtime nokunye okuningi kwabaxhasi bale kilabhu yakwaMotaung.
Silobe lo mbiko ithimba lezokukhangisa kwiChiefs lisalinde uSteve “Mphathi” Komphela ongumqeqeshi ukulazisa ukuthi yibaphi abadlali elizohamba nabo kulezi zinhlelo okuhloswe ngazo ukusondeza ikilabhu emphakathini.