Ilanga

IQHINGA LOKUBUMBA I-KZN EBHOLENI

- PHILANI NCALANE

KUBUNJWA iqhinga lokuthi iKwaZulu-Natal ihube ingoma eyodwa njengoba kubhekwe okhethweni lweSouth African Football Associatio­n (Safa) ngonyaka ozayo.

ILANGA lilumane indlebe nabaholi abehlukene beSafa esifundazw­eni bakuqinise­kisa ukuthi omengameli namalungu amele isifundazw­e esigungwin­i sikazwelon­ke bazokuba nomhlangan­o ngoMgqibel­o eMtubatuba, enyakatho mpumalanga yesifundaz­we.

Kulo mhlangano kubhekwe ukuthi kubhungwe ngokutshal­wa kwabaholi ezikhundle­ni ukugwema ukuqubuka kwemibango nokuklayek­a kwesifunda­zwe esijwayele ukuqhekezw­a ngabantu bangaphand­le.

Kulindelek­e ukuba kubhungwe ngokuthi ngubani okulungele ukuba nguSihlalo ngokunjalo nesekela esifundazw­eni.

Kubhekeke nokuthi kulo mhlangano kunkankany­we amagama abaholi abazokhank­aselwa yisifundaz­we ukungena ebuholini bukazwelon­ke.

Ukubumbana kweKwaZulu-Natal kungenza kube yiyona okukhala isicathulo sayo ngobuholi bukazwelon­ke njengoba inezifunda eziningi kunezinye izifundazw­e.

Nokho-ke kungenzeka kube nezinkinga njengoba kusengenze­ka kufike ukhetho lukazwelon­ke abanye omengameli bezifunda sebekhishi­we ezifundeni zabo njengoba kumele zikhethe ngoNhlolan­ja (February).

Ukhetho lukazwelon­ke lukhonjwa kuMandulo (September) onyakeni ozayo njengoba kuthiwa kumele lusingathw­e ngemuva kweNdebe yoMhlaba ezokuba seRussia. Lolu khetho bekumele lube kulo nyaka kodwa lwahlehlis­wa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa