Ilanga

MAKUNGAKHU­LUNYWA ILUMBO EMAPHEPHEN­I NGEDUMBE

- Siyanda Godlinja Khanyi, EDUMBE

MHLELI: Kwelakho esilifunda mihla namalanga, ngicela ungiphe isikhala ngoba nginemibuz­o eminingi mayelana nenkulumo yeMeya yaseDumbe ephume kwelakho mhla zingama-31 kuNtulikaz­i (July) - 2 kuNcwaba (August) engicabang­a ukuthi sibaningi esishiye sididekile.

Umgwaqo ozohlangan­isa iDumbe noPhongolo, owuP271, ethi imeya bakwazile ukuwakha wadla isabelomal­i sika-R1. 2 billion, kuwukubhix­a umphakathi ngodaka emehlweni ngoba kawukaze uqalwe. Makasho phela uku- thi wakhiwa iyiphi inkampani, sikuphi thina mphakathi ngaleso sikhathi.

Umgwaqo ohlanganis­a iPhuzane naseMahlon­i athi udle isabelomal­i sika-R230 million futhi usuphelile ukufakwa itiyela cha nalapho sichathwa simile ngoba ulubhuqu, ngaphandle uma wakhiwe ngotikolos­he ebusuku silele kwasa usuphelile.

Esikwaziyo thina bendawo yibhuluho eliwela phezu kwedamu uBivane endabeni, ekagesi iyasidida ikakhuluka­zi endaweni yaseNkembe­ni uma ethi kumanje uyafakwa ekubeni kusamiswe izigxobo maqede yakhala ngebhajeth­i yona imeya.

Makungadla­lwa ngabantu emaphephen­i kukhulunyw­e ilumbo kube sengathi iDumbe iyathuthuk­a kanti sidlala abaholi be-ANC bekhohlisa umphakathi nesizwe sonke.

Ngokuthath­a nje uMasipala waseDumbe mhla zintathu kuNcwaba wezi2016 ngabe senisebenz­e umsebenzi ongaka! Cha niyasebenz­a bo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa