Uzojuluka ibunzi uZuma ephalamende

Kulindeleke ukuba aphendule nangodaba lukaGrace Mugabe

Ilanga - - Izindaba - LUCKY CAIN

KULINDELEKE ukuba athwale kanzima uMengameli Jacob Zuma namhlanje ngoLwesine ePhalamende njengoba ezobe ephendula imibuzo. Selokhu kungene i-Economic Freedom Fighters (EFF) ephalamende uMengameli Zuma uhlale ethwala kanzima.

Umengameli uzobe eqala ukuphendula imibuzo ephalamende emuva kokusinda ekushayweni ngevoti lokungamethembi mhla ziyisi-8 kwephezulu.

Umhlaziyi wezepolitiki, uMnu Protas Madlala, uthi umengameli uya ephalamende ngesikhathi esinzima eNingizimu Afrika njengoba kunezinkinga eziningi ezthinta ukuphatha kwakhe.

“Amaqembu aphikisayo azogiya ngezinkinga ezibhekene naleli lizwe njengoba sazi ukuthi isimo somnotho siyaqhubeka nokuntengantenga. Kuningi okuzomele akucacise njengoba kunodaba olu

thinta ukuphathwa kombuso ngesiqhebezabuqama engakayisunguli ikhomishini ezophenya ngakho, udaba lokuxolelwa kwenkosikazi kaMnu Robert Mugabe onguMengameli waseZi- mbabwe, uNkk Grace Mugabe, nemiqingo eyimfihlo iDemocratic Alliance (DA) ethe iphawula ngokudayiswa kwamasheya akwaTelkom ngenhloso yokutakula iSouth African Airways (SAA), nokunye okuningi,” kusho uMnu Madlala.

Uthe nodaba oluthinta umndeni wakwaGupta lusazoqhubeka njengoba lo mndeni usaqhubeka nokuba sematheni. UMnu Madlala uthe yincane ingcuphe yokuba kube nodlame ephalamende njengoba ethi abaholi be-EFF basanda kudonswa ngendlebe yiSilo samaBandla, uZwelithini kaBhekuzulu mayelana nokuphazamisa kule ndlu.

UMnu Julius Malema phambilini ukubeke kwacaca ukuthi bazobe bekhona ephalamende uma umengameli esephendula imibuzo.

* Kulindeleke ukuba uMandulo (September) ubenzima kuMengameli Zuma njengoba ezobhekana namacala amakhulu amabili angaba nomthelela ezikhundleni azi- qhoqhobele.

Kulindeleke ukuba mhla ziyisihlanu kuMandulo abhekane necala elifakwe yi-EFF eNkantolo yamaLungelo lokuthi uSomlomo wePhalamende, uNkk Baleka Mbete, avumele uhlelo lokuba akhonjwe indlela ngenxa yezimpendulo zakhe mayelana nodaba oluthinta umuzi wakhe (umengameli) oseNkandla.

Nakuba kunjalo, abahlaziyi bathi mancane amathuba okuthi i-EFF ingase iphumelele kuleli cala. Elesibili lithinta ukuvuswa kwamacala angama-783 okukhwabanisa, ukushintshisana ngemali ngokungekho emthethweni nenkohlakalo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngowezi-2009 obeyinhloko yeNational Prosecution Authority (NPA), Adv Mokotedi Mpshe, uwahoxisile la macala.

Ngowedlule iDA iwavusile njengoba iNkantolo eNkulu yasePretoria inqume ukuthi kumele aphinde abhekane nawo.

Amaqembu aphikisayo azogiya ngezinkinga ezibhekene naleli lizwe...

ISITHOMBE NGABE: CDN.MG.CO.ZA

KULINDELEKE ukuba athwale kanzima ephalamende uMnu Jacob Zuma uma esephendula imibuzo namhlanje ngoLwesine.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.