ZIMKHALELE OBEZOBUYISA UNINA NGEZIMBUZI ZOKWEBIWA

Ilanga - - Izindaba - SKHOSIPHI MTHEMBU NGWANE

KUSABATSHAZWA ihlazo lowesilisa waseDalibho, eNsuze, maphakathi neKwaZuluNatal obehlele umcimbi wokubuyisa unina ngezimbuzi zokwebiwa.

Kubikwa ukuthi uMnu Vusi Ngcobo (38), ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesibili emuva kokuba ebanjwe nezimbuzi eziyisihlanu obese kuyophela inyanga yonke zilahlekile kumnikazi wazo.

Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa efika kubo kamsolwa, kutholwe nesikhumba senkomo okusolwa ukuthi nayo yebiwe njengoba kukhona othe ngesenkomo yakhe - usibone ngomaka.

Umthombo weLANGA uthi uMnu Ngcobo ube nesiphihli somcimbi wokubuyisa unina emasontweni edlule, kusolwa ukuthi izimbuzi bekumele zihlatshwe ngosuku olwandulela umcimbi.

Uthi kusize ukuba izimbuzi ziduke ngelanga obekumele zihlatshwe ngalo kwabe sekuthengwa enye eyendlalele inkomo okubonwe isikhumba sayo.

Umthombo weLANGA ulitshele ukuthi umsolwa untshontshe izimbuzi ezintathu kwaNgcobo khona endaweni.

"Lezi ezimbili zifike zazala amazinyane amabili njengoba zitholwe seziyisihlanu. Ngokuzwa kwethu, ngesikhathi ezintshontsha zike zaduka zabaleka, okumphoqe ukuba athole enye azoyihlaba ukwendlalela inkomo.

Kuthiwa ubuye wazithungatha waze wazithola lezi zimbuzi, okwenze waqoma ukuzifuya njengoba umcimbi ubusudlulile," kusho umthombo.

UMnu Falakhe Ngcobo ongumnikazi wezimbuzi ebezebiwe, uthe zilahleke ekuqaleni kukaNcwaba (August). Uthi uvuke ekuseni wazibona zingasekho lapho bezivalelwe khona.

Ulandele imilobo yamateku omuntu obeziqhuba ezikhipha esibayeni, waze wayofika eNsuze. “Ngibuze komakhelwane bangitshela ukuthi bayibonile imoto ilayisha izimbuzi kodwa bebengazi ukuthi kulayishwa ezami. Ngithinte amaphoyisa ngavula icala.

"Kuthe ngizihlalele omunye umfana wakhomba le moto ayibona ilayisha izimbuzi zami. Sinikele kuyona sambuza umshayeli wayo ukuthi ziphi izimbuzi abezilayishile, wazixolisela kithina wasitshela ukuthi ubeqashiwe ukuba alayishe izimbuzi, ubengazi ukuthi zebiwe.

"Ngishayele amaphoyisa afika kwabe sekuyiwa khona lapho azishiye khona izimbuzi. Sifike sathola ukuthi izimbuzi zami lo mfana ufike nazo, bezizohlatshwa njengoba bekunomsebenzi,” kusho uMnu Ngcobo.

ILANGA lithole ngomunye umthombo wakuyona le ndawo ukuthi uMnu Ngcobo (oboshiwe) wumkhuba wakhe ukuntshontsha imfuyo. “Kuke kwama ukuntshotshwa kwemfuyo ngesikhathi esanyamalele endaweni. Kuthe uma esebuyile baqala phansi abantu bakhala ngokulahleka kwemfuyo yabo,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuboshwe umsolwa oyedwa wavela eNkantolo yeMantshi yaseNsuze ngecala lokweba imfuyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.