BASELE NEKHANDA DO UMZIMBA

Ilanga - - Izindaba - NONHLAKANIPHO SHINGA

UFISA ukuthola ithambo lelunga lawo umndeni wakwaMdluli eNanda, enyakatho yeTheku osekuyophela unyaka uhleli nekhanda laleli lunga ngenxa yokungatholakali kwesidumbu salo.

Umndeni kaNkz Nonhlanhla Mdluli (52) uthi usesenkungwini ngokubulawa kwakhe emuva kokuba ephume emzini wakhe kuwuMgqibelo ziyisi-8 kuMfumfu (October) nyakenye eya emshadweni obusendaweni, akaphindanga wabuya.

Uthi uqale ukubona ukuthi kunokungalungile uma kushaya uMsombuluko engabuyile futhi kungaqondakali ukuthi ubanjwe yini. “Kuphele izinsuku ezimbili engabuyile singazi ukuthi uphi. Simbheke kubangani nezihlobo bathi kabazange bambone.

"Ngimbike emaphoyiseni njengomuntu olahlekile,” kusho indodana kamufi, uMnu Phiwa Mdluli. Uthi uye emakhazeni nasezibhedlela ebheka kodwa wabuya elambatha. “Kuze kwafika uKhisimusi wadlula singazi ukuthi ukuphi umama, engekho nomuntu othi uke wamfanisa,” kusho yena.

“Ngithe ngisetohweni ngoMasingana (January), ngathola ucingo oluvela komakhelwane bethi mangiphuthume sekukhona umkhondo ovelile ngomama. Ngithole ukuthi eduze kwalapho obekunomshado khona, kunamathambo ekhanda agoqwe ngezingubo ebezigqokwe ngumama mhla enyamalala.

"Ngiwabukisisile ngabona ukuthi ngempela nguyena umama," kusho yena. Uthi kudingeke ukuba athathwe igazi ukuze kwenziwe ulibofuzo ukuqinisekisa ukuthi amathambo ngakanina ngempela yini. Besitsheliwe-ke ukuthi kuthatha isikhathi eside ukubuya kwemiphumela. NgoLwesibili olwedlule ifikile ithi ngempela ngamathambo ekhanda likamama lawa atholakele.

"Kasazi nokuthi sizothathani sihlanganise nami ngoba kumama siyisihlanu, akekho osebenzayo lapha ekhaya,” kusho uMnu Mdluli. Lo mndeni ube nenkinga izolo ngoLwesithathu ekuseni uthi uyokhipha ikhanda likamufi emakhazeni kahulumeni kwatholakala ukuthi kawukwazi ukulithola ngoba kuthiwa udokotela okufanele alikhulule -okunguyena olihlonzile - akekho useholidini phesheya kwezilwandle.

UMnu Sipho Msimango weThokoza Organisation - okuyinhlangano esiza umphakathi - uthi njengenhlangano bayasebenzisana nalo mndeni kulesi isikhathi esinzima.

“Okwethu wukubalekelela ukuba bakwazi ukufihla unina ngesizotha. Sizimisele ngokubacelela usizo ezindaweni ezahlukene ukuze bafihle ngoMgqibelo lona esiya kuwona,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKpt Nqobile Gwala, uthe: “Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo njengoba kungakaboshwa muntu ngokubulawa nokunyamalala kwesidumbu sakhe." nonhalakaniphos@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.