AKASEKHO U-JOHANNES MILE

Ilanga - - Izindaba - BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

KUMENELE uMnu Johannes Mile oke waba yimeya yesikhashana yeTheku, oshonele esibhedlela iSt Augustine’s eThekwini entathakusa yangoLwesibili emuva kokuhlaselwa yisifo senhliziyo eneminyaka engama-58.

Usebenze njengemeya yeTheku emele iNkatha Freedom Party (IFP) ngaphambi kokuba kubunjwe umasipala omkhulu.

Ushiye ezombusazwe ngowezi-2005 wagxila emabhizinisini.

Okhulumela umndeni kamufi, uMnu Philani Mabaso, umchaze njengomuntu wabantu, obaziwa ngokubiza bonke abantu ngo“mhlobo wam” noma athi “sgwegwe”, ubengumuntu wabantu.

UMnu Mabaso utshele ILANGA ukuthi insephe yeKaizer Chiefs, uFani Madida, ubengumngani omkhulu kamufi.

UMadida uthe: "Njalo nje uma ngiseThekwini ngokomsebenzi, bengiye ngimvakashele. Ngizomkhumbula kakhulu, sengathi angaphumula ngokuthula”.

Imininingwane ngenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo ibingakaqinisekiswa.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NGUMNU Johannes Mile oke waba yimeya yesikhashana yeTheku phambilini, oshone ngoLwesibili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.