BASALE BENCELA IZITHUPHA KUPHAHLAZEKA IBHANOYI

Ilanga - - Izindaba - SKHOSIPHI MTHEMBU NGA ILA-

BASALE bencela izithupha abantu abaqhamuka ezifundazweni ezahlukene eNingizimu Afrika kuphahlazeka ibhanoyi okuthiwa liwe nezizumbulu zabo. Kubikwa ukuthi leli bhanoyi elaziwa ngeAgate Share Properties Investment Company, lishiye kukhalwa kubagibeli balo KwaZulu-Natal, eGauteng naseWestern Cape - emahhovisi akhona sekukhala ibhungane.

Indlela okuthiwa beliconsisa amathe ngayo leli bhanoyi, bekuba nzima kwabanye abantu ukuba bangayifaki imali yabo njengoba kuvela ukuthi bebelinda izinsuku ezili-18 ngaphambi kokuba bathole inkece yabo isiphindwe kaningi. Inkinga iqale ngeledlule abantu sebelinde ukuhola kodwa kwathuleka. Kuthiwa abaziyele ema- hhovisi aleli bhanoyi aseThekwini befuna ukuyozwa mayelana nenkokhelo yabo, bafice izigansonso zonogada ezibatshele ukuthi kabasekho abanikazi baleli bhanoyi.

ILANGA lithole ukuthi abantu bebefaka imali kusukela ku-R1 000 kuya ku-R2 000 kanti bebethenjiswa inzalo engafinyelela ema-90% emuva kokulinda izinsuku ezili-18 zokusebenza.

Kuthiwa ehhovisi eliseGoli, kutholakale izitaputapu okusolwa ukuthi abantu bebeluthwa ngazo ukuba bajoyine leli bhanoyi. Omunye obefake imali yakhe kuleli bhanoyi - ocele ukungadalulwa - uthi namanje akakholwa ukuthi imali yakhe ihambe ngale ndlela. Uthi yize ebezwa ngamabhanoyi kodwa ubengacabangi ukuthi uyaqolwa.

Utshele ILANGA ukuthi ufake u-R3 000 wathenjiswa ukuthi uzobuya usuphindwe kaningi. “Le nto ngizwe ngayo ngomunye usisi engijwayelene naye. Ungixoxele ngayo ngabona ukuthi yindlela engingazenzela ngayo imali. Emqondweni wami bekukhona ukuthi kalikho iqiniso kule nto ngoba sengike ngezwa ngamabhanoyi aphahlazekayo phambilini. Engifike ngakuthola kule nto wukuthi uma ufike nomuntu, kunengxenye yemali oyitholayo.

"Inani laleyo mali lincika ekutheni umuntu ofike naye ufake malini ebhanoyini. Mina nje ngiyise umfowethu ofake u-R10 000 ngethemba lokuthi uzobuya usuphindaphindiwe. Ngokuhambisa umfowethu, ngikhokhelwe u-R1 500 kanti le ntombazane engihambisile yona ithole u-R450. Leyo mali uyithola ngaleso sikhathi ohambise ngaso umuntu nengicabanga ukuthi yikhona okwenze abantu abaningi balutheka.

"Sesiyifakile imali, sitshelwe ukuba silinde izinsuku ezili-18 ukuze sizoyithola isiphindiwe. Kuthe uma kushaya isikhathi obekumele siyithole ngaso, kwathuleka. Umfowethu uyile emahhovisi akhona eThekwini kodwa wafica kukhona onogada abamtshele ukuthi kakusekho muntu kula mahhovisi. Bamtshengisile naye wazibonela ukuthi kakusekho muntu,” kusho yena.

Omunye wesifazane waseCape Town naye ocele ukungadalulwa - uthi utshelwe ngumngani wakhe ngaleli bhanoyi wafaka imali yabuya isiphindiwe. Uthi okokuqala ufake u-R1 100 wabuya usuwu-R1 900. “Emuva kokufaka le mali, ibuyile emuva kwezinsuku ezili-18 njengoba bebethembisile. Kungaleso sikhathi ngibone khona ukuthi mangiqhubeke ngifake imali ngoba bengingazitsheli ukuthi kudlalwa ngathi. Ngiqhubekile ngayifaka ngoba ubukwazi ukuyifaka kuze kube kathathu. Isiyonke imali engiyifakile ibe wu-R25 000 ngethemba lokuthi izobuya isiphindiwe. Kuhambe isikhathi lwafika usuku obekumele sikhokhelwe ngalo kodwa kwathuleka. Siyile emahhovisi akhona kodwa safika kungasekho muntu,” kusho yena.

Imizamo yokuthola abakwaAgate Share Properties Investment Company kayiphumelelanga njengoba zonke izinombolo

elizitholile kazingeni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKpt Nqobile Gwala, uthi likhona icala lokukhwabanisa elivuliwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.