BAKHUMBULE EGIBHITHE ABALANDELI BE-BAFANA

Kukhalwa ngobumpuphu kuStuart Baxter

Ilanga - - Front Page - SENZO SOKHELA

BAKHUMBULE u-Ephraim “Shakes” Mashaba oxoshelwe ukuhlulwa wukuziphatha esigqikini sokuqeqesha iBafana Bafana abathandi bakanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika ngesikhathi leli qembu eselicijwa nguStuart Baxter liguqiswa yiCape Verde Island ngo-2-1 kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesibili ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lo mphumela unciphise kakhulu amathuba eBafana okuya eNdebeni yoMhlaba ezokuba seRussia ngonyaka ozayo kwazise leli qembu seliphisane ngamaphuzu ayisi-6 kwiCape Verde ebeyithathwa njengamavukana kwiGroup D.

Emasontweni amabili edlule iBafana ibithishwa ukuthi kuzokuthi kufika lesi sikhathi abathandi bebhola bazokube bephuphuma injabulo, icaca indlela ebheke eRussia.

Bekubhekwe ukuthi izozicoboshisela kwiCape Verde ebingakaze inqobe mdlalo selokhu kuqale eyokuhlunga. Nokho kakuhambanga ngokwezifiso zabantu njengoba iCape Verde iyiphuce amaphuzu ayisi-6 kungalindele muntu.

Abathandi bebhola emva kwalo mdlalo abebedangele bakhumbule uMashaba oxoshelwe ukuhlulwa wukuziphatha bethi ukube ubekhona ubengeke ehlulwe yiCape Verde kabili.

Omunye umlandeli wokuqina weBafana obehamba nequlu labalandeli, ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe ngenxa yobudlelwano anabo neSouth African Football Association (Safa), uthe:

“UMashaba wenza iphutha siyavuma kodwa isikhathi sokumuxosha saba sibi kakhulu, bekufanele simuyeke asibeke eRussia bese exoshwa.

“Nokho ngangivele ngingavumelani neyokuqashwa kukaBaxter ngoba wayeseke walithola ithuba wahluleka.

"Namanje usehlulekile kumele sivume.

"Siyakhala ngoMashaba, usibulele, kunjena nje kungenxa yakhe ukuba akayenzanga leya yinto (yokudelela izikhulu zeSafa) ngabe sibheke eRussia.

“UMashaba ubengeke ehlulwe yiCape Verde kabili, uBaxter kubone ngisho ingane encane ukuthi udidekile izinguquko azenzile zisithusile. Kodwa konke lokhu okwenzeka eqenjini lethu yizinkomba zokuthi iSafa kayihlelekile, kuningi okungahambi kahle ngaphakathi.”

Imizamo yokuthola uMashaba ukuba aphawule kulolu daba kayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

UMashaba usanda kuphumela obala ukuthi usekulungele ukubuyela ekuqeqesheni emuva kwesigameko esenzeke phakathi kwakhe neSafa.

Uthi simuhlukumeze kakhulu kangangoba uze waziqhelelanisa nebhola kancane esasetshisa.

Uthi uzimisele ngokuqeqesha kwiPremier Soccer League (PSL) nakunoma yiliphi iqembu lesizwe elimudingayo.

Nokho uke wakuveza ukuthi angakwamukela ukuphinda abuyele kwiBafana ngelinye ilanga ngoba uyalithanda izwe lakhe futhi nerekhodi lakhe lihle uma liqhathaniswa nelabanye abaqeqeshi.

UMashaba wenza iphutha siyavuma kodwa isikhathi sokumxosha saba sibi...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.