UTHEMBISE UKUBHEKANA NGQO NEZINSOLO ZOKUJOLA KWAKHE

Ilanga - - Izindaba - LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UTHEMBISE amalunga ephalamende ukuthi uzobhekana nodaba olusabalele kwabezindaba, oluthinta ubudlelwano bakhe nabesifazane abancane kunaye uMnu Cyril “CR17” Ramaphosa ngesikhathi ephendula imibuzo izolo ngeLwesithathu.

Uthe uyazi ukuthi lolu daba luthinta impilo yakhe yangasese kodwa ubona kufanele ukuba aphawule ngalo njengoba ethatha amalunga ephalamende njengozakwabo asebenza nabo ngaphandle kokubheka amaqembu abawamele.

“Ngizobhekana ngqo nalolu daba maduze ngoba ngibona kufanele ukuba ngilusukumele,” kusho uMnu Ramaphosa.

Ephephandabeni lesiNgisi eliphuma ngeSonto, uMnu Ramaphosa uvumile ukuthi uke waba nobudlelwano nomunye wesifazane - ochazwe njengodokotela wakhe - igama lakhe elivelayo kulolu xhaxha.

Uveze ukuthi ubudlelwano nalo- na wesifazane buphele eminyakeni eyisi-8 eyedlule kanti umazisile umkakhe ngaye wabe esenanela ngokuthi basajabule emshadweni. Uphinde wachaza ngesinqumo sikahulumeni soku- xolela uNkk Grace Mugabe oyinkosikazi kaMengameli waseZimbabwe, uMnu Robert Mugabe.

Uveze ukuthi uNgqongqoshe wezobuDlelwano namaZwe angaPhandle, uNkk Maite NkoanaMashabane, usebenzise amandla akhe akumthethosisekelo ukumxolela ngenhloso yokuvikela ubudlelwano bamazwe.

Ilunga leNkatha Freedom Party (IFP) ephalamende, uMnu Mkhuleko Hlengwa, lisole uhulumeni we-African National Congress (ANC) ngokushaya indiva amalungelo abantu bakuleli ngenhloso yokugcina ubudlelwano bangaphandle.

UMnu Ramaphosa ukuphikile lokho waveza ukuthi kusukela i-ANC isunguliwe, ihlale ibeka amalungelo abantu phambili. Uphinde walibeka ngembaba elokuthi labo abanobandlululo kumele babekwe endaweni yabo.

“Uhulumeni unezinhlelo ngodaba lokuhlalisana kwabantu olubizwa nge- social cohesion,” kusho uMnu Ramaphosa.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

UMNU Cyril Ramaphosa, oyisekela mengameli, uthi uzobhekana ngqo nodaba olusabalele kwabezindaba oluthinta ubudlelwano bakhe nabesifazane abancane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.