Masibe ngabazali kuzo zonke izingane

Ilanga - - Imibono -

SIBABAZA isihluku nobulwane obenziwe ngumbulali ongenanembeza, obulale izingane ezine zikaNkz Slindile Mbhele ePort Edward, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, ngoMgqibelo ebusuku. ILANGA libikile ngalolu daba ngoMsombuluko lapho kuvele ukuthi lezi zingane zishiywe ngunina waya ebumnandini nabangani bakhe - okuyinto okuthiwa ubevamile ukuyenza. Izidumbu ezintathu zitholwe zicwiyiwe.

Okusizwisa ubuhlungu yimibiko yokuthi enye yalezi zingane iphunyulile yayobikela umakhelwane oyitshele ukuba iphindele emuva iyolanda izingane zakwabo ukuze zizolala kwakhe. Ingane kayibange isaba nayo inhlanhla yesibili njengoba lo makhelwane kuthiwa uze wayobheka ekuseni wafica izidumbu.

Yize singeke simbophele ogodweni lo makhelwane ngobudedengu bukaNkz Mbhele kodwa kuyasidida ukuthi ukucabange kanjani ukuba athi ingane mayiyolanda abantwana bakwabo yize imtshelile ngo"malume" thizeni obebabophe ngezintambo. Lokhu kwenza sibone lo makhelwane ekhombise obukhulu ubudedengu - njengoNkz Mbhele. Sicabanga ukuthi okungenani bekufanele njengomuntu omdala kufike emqondweni wakhe ukuthi kulezi zingane kuneyentombazane, lo "malume" ndini angase ayinukubeze. Sibona ubudedengu bomuntu ongazicabangelanga izingane ngoba nakhu zingazalwa nguyena - okwenza sibe novalo ngezakhe uqobo.

Uma ngabe ubesaba ukuthi kungenzeka lo "malume" amsoconge naye, ubengekeke nje esahlaba umkhosi noma azame indlela ezokwenza lo mgulukudu wethuke ubaleke?

Ekanina wezingane kunzima nokuyicabanga ngoba kasiqondi ukuthi ukwenza kanjani ukushiya izingane ezincane kanjena zodwa aye ebumnandini. Yize sibona efanelwe yijele uNkz Mbhele kodwa sicabanga ukuthi into ayidinga kakhulu njengamanje wusizo.

Siyabanxusa nabo abantu besifazane ukuba behlise ngasekuthandeni impilo yasebusuku ngoba iyingozi nakubona uqobo.

Kayikho into esicabanga ukuthi sisengayikhuluma nezigilamkhuba ngoba sezehlula kanti nokuhulumeni uyazivikela. Siyazi ukuthi nabo abantu besifazane bayathanda ukujabula ebusuku kodwa ngenxa yezimo esiphila ngaphansi kwazo namuhla, sibona kungaba kuhle nje ukuba lithi lishona umuntu akhumbule ekhaya.

Sinxusa nemiphakathi bakwethu ukuba ubuye umkhuba wokuthi ingane yakho ngeyami, eyami ngeyakho.

Ukuba kusaphilwa leyo mpilo sikholwa wukuthi ngabe namhlanje kasikhulumi izindaba ezibuhlungu kangaka zokubulawa kwezingane ezingenacala.

Njengoba umphakathi ubususho ukumudla umfele uNkz Mbhele nje, nawo kumele uzinuke amakhwapha ngoba bewazi kahle kamhlophe ukuthi ubudedengu, kudala ezishiya zodwa izingane aye ebumnandini.

Kungani lolu daba ungalubikanga kosonhlalakahle, ekhanseleni, enduneni noma emaphoyiseni umonakalo ungakenzeki? Ukuvuka kwawo indlobane sekwenzeke umonakalo ofuze lona ngeke kusasiza.

Masiyeke ukuba ngongane yami, masinakekele izingane zabanye abantu njengezethu ukugwema izigameko ezifuze lesi ngoba kunemigulukudu efuze lo mlisa owenze lesi sihluku ezinganeni eseyedlula ngobulwane.

Njengoba umphakathi ubususho ukumudla umfele uNkz Mbhele nje nawo kumele uzinuke amakhwapha ngoba bewazi kahle kamhlophe ukuthi ubudedengu...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.