Kuzozalwa ithalente elisha kwithelevishini

Ilanga - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

IYAQALA i- season entsha yesi-8 yohlelo lokuthungatha ithalente, oludlala kwi-e.tv nakwi-eHD ekwi-OpenView Channel minyaka yonke, iSA’s Got Talent.

Baningi asebeke bahlomula phambilini kulolu hlelo kodwa okubukeka egqame kakhulu nguDJ Arch Jnr obeneminyaka emithathu nje vo enqoba ngowezi-2016.

Kulolu hlelo kuhlungwa yonke inhlobo yethalente kusukela emculweni, ekulingiseni, emdansweni nezinye nje izimanga ezingalindelekile ezikushiya ubambe ongezansi.

Seyadlula kudala inhlolokhono njengoba seluzoqala ukukhonjiswa kwithelevishini ngeSonto emuva kancane kwehora lesithupha (06h05).

Nakuwona lo nyaka amajaji nguDJ Fresh, uShado Twala noJamie Bartlett.

UMarlon Davids oyiManaging Director kwa-e.tv, uthi balindele lukhulu kule season yanonyaka.

“Okuhlungwa kubona beze nokunye nonyaka. I-e.tv iyaziqhenya ngokubandakanywa nalolu hlobo lohlelo olubukwa kakhulu kangaka.

"Ababukeli bethu bazoncama, bazothwala kanzima ukunquma ukuthi ngubani ozokhala emuke nohhafu wesigidi wamarandi ongumklomelo,” kusho yena kafushane kwisitatimende.

ISITHOMBE NGABE : THEVENT

UDJ Arch Jnr unqobe kwi-season yesithupha ngowezi-2015 kwiSA’s Got Talent

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.